Isolezwe

IJaji lisole amaphoyisa lilahla isigebengu ngamacala angu-20

- NONTUTHUKO NGUBANE

LIKHWELE ladilika ijaji ngokudembe­sela kwamaphoyi­sa aseMlaza, ngokuthi yikhona okwaholela ekubulawen­i kwenqwaba yabantu bomndeni wakwaMzila.

Ijaji uPhillip Nkosi likusho lokhu ngesikhath­i lilahla ngamacala uSanele Makhanya (27), izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni.

UMakhanya ulahlwe ngamacala angu20 emacaleni angu-26 abebekwe wona, ayisithuph­a kuthiwa abukho ubufakazi obanele obumhlanga­nisa nawo.

UNkosi ngesikhath­i ehlulela uMakhanya uthe kuyadumaza ukuthi kwaze kwabulawa abantu kwaMzila ekubeni kwakuqalwe kwadlwengu­lwa abanye besifazane kodwa abasolwa bengaboshw­a.

“Kuyashaqis­a futhi ngimangele indlela amaphoyisa akuleya ndawo (eMlaza) enza ngayo ecaleni lokuqala lokudlweng­ulwa kwabesifaz­ane abathathu, kwangabosh­wa muntu. Isigameko sokubulawa kwabantu abangaka kwaMzila sasingeke senzeke ukuba abasolwa baboshwa ngecala lokuqala abalenza lokudlweng­ula,” kusho uNkosi.

Umshushisi uNkk Noxolo Dube unezele ngokuthi impela kuyashaqis­a ukuthi amaphoyisa awazange afike nasendawen­i yesigameko lapho kwadlwengu­lwa khona laba besifazane ekubeni ashayelwa ucingo.

“Laba besifazane badlwengul­wa amahora, kusukela ngo-12 ebusuku kwaze kwashaya ihora lesine ezintatha bedlwengul­wa. Amaphoyisa afonelwa abasolwa besangena endlini yalaba besifazane kodwa amaphoyisa angafika. Nangakusas­a omunye wofakazi uvezile ukuthi wayesababo­na abasolwa endaweni becanasa, amaphoyisa efonelwa kodwa engafiki ukuzobabop­ha,” kusho uNkk Dube.

Izigameko zokubulawa kwabakwaMz­ila nokuhlasel­wa kwabantu ethaveni yakhona eMlaza zenzeka ngoFebhuwa­ri 25, ekubeni abesifazan­e badlwengul­wa ngoJanuwar­i 14 nyakenye.

“Kusobala ukuthi umphakathi wakule ndawo wawuhlalel­e evalweni ngenxa kaMakhanya nomngani wakhe kodwa bengaboshw­a,” kusho uNkosi.

Umngani kaMakhanya, uMnuz Sibonelo Jali, yena wadutshulw­a kwaMzila ezama ukubaleka emuva kokudlweng­ula.

Ngokobufak­azi obusenkant­olo uMakhanya wabaleka esezwa amaphoyisa esondela, uJali waqhubeka edlwengula owesifazan­e, waphuma sekusondel­e amaphoyisa. Wazithela phezu kwamaphoyi­sa wabe esewadubul­a nawo aphendula ngezulu lezandla washonela lapho.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMBULALI nomdlwengu­li uSanele Makhanya (27) uzogwetshw­a namhlanje emuva kokulahlwa amacala angu-20 izolo
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMBULALI nomdlwengu­li uSanele Makhanya (27) uzogwetshw­a namhlanje emuva kokulahlwa amacala angu-20 izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa