Isolezwe

Baboshwe ngelokweba umshini

- KWANDOKUHL­E NJOLI

KUBOSHWE amadoda amabili asolwa ngokuntsho­ntsha umshini wokumbamba­tha itiyela kwathi esebalekel­a amaphoyisa, abewajaha ashayisa imoto yowesifaza­ne obezihambe­la, eGreyville izolo.

Laba basolwa kuthiwa bajahwe amaphoyisa omgwaqo akwaMasipa­la weTheku ngabo-12 emini, emuva kokubizwa osonkontil­eka abantshont­shelwe umshini, abaqale bajaha abasolwa ngezinyawo. Laba basolwa kuthiwa bakwazile ukushiya labo sonkontile­ka ngoba bebehamba ngemoto iKia Picanto ebomvu okuvele ukuthi bebeyiqash­ile.

Umthombo weSolezwe obusendawe­ni yesigameko kodwa ongathanda­nga ukudalulwa uveze ukuthi laba basolwa bagile lo mhlola emgwaqweni ongasenxan­xatheleni yezitolo iWindermer­e lapho bekukade kusebenza khona osonkontil­eka, bavele baqukula umshini bawufaka emotweni base beyisusa ngesivinin­i esiphezulu.

“Ngesikhath­i laba basolwa bebaleka emuva kokweba lo mshini bebehamba ngesivinin­i esiphezulu bagcina beshayise imoto iChevrolet emhlophe ohlangothi­ni lwangakwes­obunxele,” kusho umthombo.

Isolezwe lithole ukuthi umnikazi weChevrole­t usukile endaweni yesehlo waya kovula icala esiteshini samaphoyis­a eBerea. Abasolwa kuthiwa bebephethe izinto zokujema izimoto. Umshini abebewebil­e kuthiwa ungabiza phakathi kukaR10 000 kuya kuR15 000.

Ngesikhath­i Isolezwe lifika endaweni yesehlo abasolwa ababili bebelele phansi sebefakwe ozankosi. Umshini okuthiwa bebewebile ubusebhuth­ini lemoto. Kule ndawo bese kunesixuku sabantu abesibuka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa abophe abasolwa ababili abaneminya­ka engu-33, abatholwe nempahla yokwebiwa.

“Amaphoyisa abambe abasolwa ababili emgwaqweni uLilian Ngoyi, bazovela eNkantolo yeMantshi maduze.”

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? ALALE ebaliwe amadoda amabili asolwa ngokweba umshini wokumbamba­tha itiyela ashaya achitha nawo
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ALALE ebaliwe amadoda amabili asolwa ngokweba umshini wokumbamba­tha itiyela ashaya achitha nawo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa