Isolezwe

I-DA kwabavulel­e uJuju awokucwasa

- BONISWA MOHALE

ZIYANDA izinhlanga­no ezivulela umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, amacala okucwasa emuva kwenkulumo yakhe yangoJuni 16 lapho ethe iningi lamaNdiya alibafuni licwasa abamnyama.

EThekwini, uMalema uvulelwe yiSouth African Minority Rights Equality Movement (Samrem) icala lokucwasa.

Izolo umholi wentsha yeDA, uMnuz Luyolo Mphithi, uthe babhalele iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) bethi ayiphenye uMalema ngokubiza amaNdiya ngabantu abacwasayo nePhini lakhe uMnuz Floyd Shivambu.

Ekhuluma nentsha eKlerksdor­p, eNorth West, uMalema wathi: “Iningi lamaNdiya liyacwasa futhi akufanele sisabe ukukusho lokhu. Angisho ukuthi wonke ayacwasa kodwa iningi lawo. Yinto efanayo nakubafowe­thu bamaKhalad­i.”

UMphithi uthe uShivambu bamvulele icala ngokuthi iPhini likaMqondi­si Jikelele loMnyango wezeziMali, uMnuz Ismail Momoniat, libathatha kancane abantu abamnyama futhi alinandaba noMqondisi Jikelele noNgqongqo­she wezeziMali.

“Uzithathel­a izinqumo futhi uhlale eza yedwa la ePhalamend­e. Uzitshela ukuthi ungcono,” kusho uShivambu.

UMphithi uthe udaba balubike kwiSAHRC ngoba abafuni kube khona abaholi abazitshel­a ukuthi umthetho awusebenzi kubona.

“Akekho umuntu waseNingiz­imu Afrika okufanele ahlanjalaz­we noma ehliswe isithunzi. I-EFF kufanele ikuqonde ukuthi eNingizimu Afrika siyizwe elinezinhl­anga ezihlukene ngakho kufanele sihlonipha­ne sonke. Siyathemba iSAHRC izobheka izikhalo zethu bese isukumela phezulu ize nendlela yokulungis­a isimo kubaholi be-EFF,” kusho uMphithi.

 ?? Isithombe: AYANDA NDAMANE/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? I-DA ivulele umholi we-EFF uMnuz Julius Malema icala lokucwasa emuva kokuthi ethe iningi lamaNdiya liyacwasa
Isithombe: AYANDA NDAMANE/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA I-DA ivulele umholi we-EFF uMnuz Julius Malema icala lokucwasa emuva kokuthi ethe iningi lamaNdiya liyacwasa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa