Isolezwe

I-ANC ijube elizoxazul­ula izikhalo eKZN

- MHLENGI SHANGASE

ISIGUNGU esiphezulu se-ANC sijube ikomiti elixazulul­a izikhalo ukuthi lisebenzis­ane nethimba lesikhasha­na le-ANC eKZN ukulungisa zonke izikhalazo zamalungu ayise le nhlangano enkantolo.

Esitatimen­dini esikhishwe nguNobhala jikelele uMnuz Ace Magashule izolo ngemuva komhlangan­o wesigungu esiphezulu obuse-Irene, ePitoli, ngoMsombul­uko, uthe uma kwenzeka lokhu bazokwazi ukuxazulul­a izinkinga ezikhona ngaphandle kwasezinka­ntolo.

UMagashule uthe inhloso ukubumba inhlangano wathi ukusebenzi­sana kuzokwenza ukuthi ingqungqut­hela ihlale ngaphambi kokuphela kwenyanga ezayo. “Umhlangano oyisipeshe­li wesigungu sikazwelon­ke ujube izithunywa zalo ukuthi ziqiniseki­se ukuthi zonke izinkinga nezikhalaz­o ziyalungis­wa. Mkhulu umsebenzi osuwenziwe siyanxusa ukuthi baqhubeke basebenzis­ane.”

Uthe kumele amalungu akwazi ukuphakami­sa izinto angeneme ngazo ikakhulu izikhalo.

“Siyanxusa ukuthi amalungu asebenzise izinhlaka zangaphaka­thi. Kuyofika isikhathi lapho sizothi kuphela la kulabo abangafuni ukusebenzi­sa izinhlaka zangaphaka­thi abagjimela ezinkantol­o ekubeni bengazange balandele yonke imigomo.”

Amalungu angeneme amisa ingqungqut­hela yesifundaz­we ngomzuzu wokugcina ekhala ngokuthi kunamagats­ha ashiywe ngaphandle. nangempela­sonto kube yiso leso eMoses Mabhida kwamiswa ingqungqut­hela olunye uhlangothi oluthi beyihlalis­wa isinyenyel­a.

Odabeni lwase-Easern Cape, uthe bafuna isixazulul­o sezepoliti­ki ukuze sisize inhlangano njengoba kukhona abaye enkantolo. ELimpopo uthe yonke into isimi ngomumo mayelana nengqungqu­thela ezoqala ngoLwesihl­anu yokukhetha ubuholi.

ENorth West uthe bajube ikomiti elibheka ukusebenza kwansuku zonke ukuthi linqume ngozoba nguNdunank­ulu kusasa wathi namhlanje kuzoba nomhlangan­o oyisipeshe­li waleli komiti ukuze linqume.

EGauteng nakhona uthe mkhulu umsebenzi owenziwe ukuze kuhlaliswe ingqungqut­hela ingakaphel­i inyanga ezayo.

“Siyanxusa ubuholi bezinhlaka ezehlukene ukuthi zilandele imigomo yenhlangan­o mayelana nokuthi busingathe kanjani eyobuholi enhlanganw­eni nokuthi kulandelwe imigomo buphinde bunike izinhlaka ithuba lokuthi zikwazi ukuletha izikhalo.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa