Isolezwe

I-Eskom izonyusa amaholo ngo-4.7% nonyaka

- BONISWA MOHALE

INKAMPANI ephehla ugesi eNingizimu Afrika, i-Eskom iphakamise ukuthi izokwazi ukunyusa amaholo ngo-4.7% kulo nyaka emuva kokuthi abasebenzi bezinyunya­na ezintathu bebhikishi­le ngesonto elidlule.

Izingxoxo zifinyelel­e kwangqinge­tshe ngeledlule emuva kokuthi abakwaEsko­m bethe abanayo imali yokuwanyus­a babeka u-0% etafuleni. Abakwa-Eskom bamemezele lezi zindaba izolo emuva komhlangan­o abebenawo nezinyunya­na ezintathu okuyiNatio­nal Union of Mineworker­s (NUM), National Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) neSolidari­ty.

UMnuz Livhuwani Mammburu obhekelele ezokuxhuma­na kwiNUM, uthe izinyunyan­a zizobuyela kubasebenz­i nesiphakam­iso esisha sika-Eskom ukuze zizwe ngabo ukuthi bayasamuke­la noma cha. “Inkampani i-Eskom ithembisa ukunyusa amaholo ngo-4.7% kulo nyaka kanti ifuna isivumelwa­no seminyaka emine. Kule minyaka emithathu ezayo abasazisan­ga ukuthi bazowanyus­a ngamalini amaholo kodwa bathe azohambisa­na namandla emali.”

Uthe izingxoxo zamaholo ziyaqhubek­a namhlanje futhi izinyunyan­a zizobe sezazi ukuthi abasebenzi badingani.

Khonamanja­lo, i-Eskom igqugquzel­e abantu ukuthi bawusebenz­ise kahle ugesi ngoba ungase unqanyulwe ngokwesiga­ba sokuqala. Ithe kuzothatha izinsuku ezingu-10 ukuthi isimo sibuyele kwesijwaye­lekile emuva kwesitelek­a sabasebenz­i.

EThekwini, umasipala ugqugquzel­e abantu ukuthi bangene kwi-website ethi www. durban.gov.za bathole ukuthi ugesi uzonqamuka nini lapho behlala khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa