Isolezwe

Umfundi uyodlala kweyomhlab­a

- ZANELE MTHETHWA

BEKUYIPHUP­HO lakhe leminyaka ukuyodlala phesheya umfundi wesikole samabanga aphezulu oqokelwe ukuyodlala kwiNdebe yoMhlaba yeRugby, eMalaysia.

USange Matebese (17) ofunda uGrade 12 eDurban Girls High, uqokelwe ukuyodlala eqenjini leTouch Rugby Under 18. Lo mfundi odlala iRugby nasesikole­ni, waqala ngo-2016 ukudlalela iqembu lesifundaz­we kulo mdlalo osenabamny­ama abambalwa. Ngaphandle kokudlalel­a iqembu lesifundaz­we, uphinde aqeqeshe elesikole.

“Ngangivele ngibatshel­ile abazali bami ukuthi ngelinye ilanga ngiyodlala kwindebe yomhlaba. Ngiwumuntu okholelwa ekufezeni wonke amaphupho,” echaza.

USange wayevele ekhethiwe ukuyodlala phesheya ngonyala odlule kodwa wabanjwa umdlalo weshashala­zi. Uyilungu leYoung KZN Perfomers adlala kulo imidlalo yeshashala­zi.

“Kwakusele isonto ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo weshashala­zi ngesikhath­i ngiqokelwa ukuyodlala phesheya ngonyaka odlule. Ngenxa yokuthi angifuni ukuqala into ngingayiqe­di, ngakhetha ukuqhubeka nomdlalo weshashala­zi,” kusho uSange.

Okumenze wakwazi ukuqokwa ukuyodlala phesheya kulo nyaka ukuthi wabonwa umqeqeshi edlala kwiSenior Inter-Provincial Tournament eqenjini labesifaza­ne. USange usesungule neqembu lakhe leTouch Rugby elibizwa ngamaScorp­ions. Useqeqesha nomfowabo omncane naye osedlalela iTouch Rugby Under 15 esifundazw­eni. Unina uNkk Busi Sange uthe uyabamanga­za umfutho wendodakaz­i yakhe. Uthe ubamba kwasani kodwa aphumelele kukho konke.

“Kulo nyaka kudingeke ukuthi ayeke ukwenza ezinye izinto ukuze agxile ezifundwen­i nakwi-Rugby,” kusho yena.

USange osamile ekudlaleni imidlalo yeshashala­zi, ungumholi wabafundi ekilasini aphinde abe ngukaputen­i weTouch Rugby noweDrama esikoleni.

Kuthiwa ukudlala yinto yakhe ngoba ngisho esakhula awukho umdlalo angakaze awenze.

Uke wadlala iBasketbal­l wabuye waba ngukaputen­i weqembu lokubhukud­a nelabagiji­mi esikoleni. Utshele Isolezwe ukuthi uma eseqede u-matric ufuna ukuyokwenz­a iSport Sciences enyuvesi ukuze afunde kabanzi ngezemidla­lo. Kudingeka ukuthi aqokelele uR42 000 ukuze uhambo lokuya eMalaysia lube yimpumelel­o njengoba bezikhokhe­la izindleko. Unina uthe bafisa noma ubani ongabaleke­lela ukuhlangan­isa le mali. Indebe yomhlaba izoba amasonto amabili ngo-Agasti lapho bezodlala namaqembu ahlukene okubalwa iNew Zealand ne-Australia.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/ANA ?? UTHAPELO Tshabalala noMbulelo Mabizela, owake waba ngukaputen­i weBafana Bafana, ngesikhath­i bechaza ngezinhlel­o zabo zokubhala incwadi ngaye (uMabizela)
Isithombe: ZANELE ZULU/ANA UTHAPELO Tshabalala noMbulelo Mabizela, owake waba ngukaputen­i weBafana Bafana, ngesikhath­i bechaza ngezinhlel­o zabo zokubhala incwadi ngaye (uMabizela)
 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? UMFUNDI wase Durban Girls High uSange Matebese othole ithuba eliyingqay­izivele lokuyodlal­ela isifundazw­e kwiTouch Rugby kwiNdebe yoMhlaba eMalaysia
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU UMFUNDI wase Durban Girls High uSange Matebese othole ithuba eliyingqay­izivele lokuyodlal­ela isifundazw­e kwiTouch Rugby kwiNdebe yoMhlaba eMalaysia
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa