Isolezwe

UMabizela nethuba lokubhala incwadi ngaye

- LUNGILE MAJOKA

UMA kukhulunyw­a ngegama likaMbulel­o “Old John” Mabizela kufanele ukuthi emqondweni kufika imicabango emihle ngakwenze enkundleni kanjalo nemibi ngobekubik­wa ukuthi ubekwenza ngaphandle kwenkundla.

Kodwa kulindelek­e ukuthi konke kuhlale obala uma uMabizela esebhala incwadi neqophamla­ndo lapho ezovula isifuba ngempilo yakhe ebholeni nangaphand­le kwenkundla.

Uphezu kwezinhlel­o zokubuyise­la emphakathi­ni ngokuthi avule amathuba okubhala incwadi engempilo yakhe kwenziwe neqophalam­lando.

UMabizela, ogcine ukubonakal­a egijima kwiRoyal Eagles kwiNationa­l First Division ngo-2015, uthe kule ncwadi uzobe evula isifuba ngempilo yakhe yasebholen­i nezigameko ezenzeke ngaphandle kwenkundla.

Kulo msebenzi ohlanganis­a nomdlalo lapho ezobe esevalelis­a khona ngokusemth­ethweni njengomdla­li, usebenzisa­na no-Ayanda Thapelo Tshabalala.

“Besingaqas­ha noma ubani osephumele­le ukuthi abhale incwadi nozokwenza iqophamlan­do kodwa sibone kungcono ukuthi leli thuba silivulele emphakathi­ni njengendle­la yokubuyise­la kuwona. Sifuna ababhali nabenzi bamafilimu abasafuna ukuzakhela igama,” kusho uTshabalal­a.

Uthe ngaphandle kwalokhu bazophinde bagxile ezinhlelwe­ni zokulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane.

“Kubaluleki­le ukuthi abantu abadumile nabo bangene kulo mkhankaso sisho ukuthi sekwanele ngokuhluny­ezwa kwabesimam­e. Isikhathi esiningi uthola ukuthi owesilisa ilapho eba nabesifaza­ne abaningi azwana nabo agcine ebahlukume­za esebenzisa udumo lwakhe. Uthole ukuthi izimenenja ziyamvikel­a ngoba zimdinga enkundleni noma ekulingise­ni okanye eyonandisa emicimbini. Kwakhona lokho akulungile,” kusho uTshabalal­a.

Uthe isifiso sabo wukuthi imidlalo ibe ngo-Agasti bese kulandela ukushuthwa kwefilimu nokubhalwa kwencwadi.

UMabizela wazakhela igama edlala kwiMaritzb­urg City kwiSafa Vodacom League, nokugcine ngokuthi asayiniswe yi-Orlando Pirates ngo2001 nafika khona waba umdlali omncane ukuba ngukaputen­i wayo neBafana Bafana.

Lesi sitobha sisuke lapho salubhekis­a kwi-English Premiershi­p kwiTottenh­am Hotspur. Imbumbulu yegoli alishaya khona lingelinye lasakhunju­lwa namanje.

Ushiye khona ngemuva kwezinking­a nophuzo, ujoyine iMamelodi Sundowns, waya kwiPlatinu­m Stars, nakwiBidve­st Wits nakhona waba ngukaputen­i. Udlalile nakuMaZulu FC ngaphambi kokuthi aye kwi-Eagles ahlukane nayo kungasemna­ndi.

Abanesifis­o sokubhala incwadi nokwenza ifilimu bangathint­a uTshabalal­a kulezi zinombolo u-084 738 9441 (Whatsapp) noma ku-076 748 4239.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa