Isolezwe

Bakhala ngamathoyi­lethe angasebenz­i erenke

- BONISWA MOHALE

BASEBENZIS­A ithoyileth­e elilodwa osomatekis­i nabagibeli besilisa erenke yamatekisi amabanga amade eseDurban Station, eThekwini.

Omunye umgibeli uveze ukuthi amathoyile­the selokhu aba nenkinga ngoNovemba kanti yize beyibikile inkinga yawo kodwa uMasipala weTheku akenzi lutho.

Umgibeli ojwayele ukugibela amatekisi aya eFilidi kule renke kodwa ongathanda­nga ukudalulwa, uthe bakhathaze­kile ukuthi iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, uvela emaphephen­i ethi ufuna ukukhuculu­la idolobha kodwa abasebenzi bakhe bahlulwa ukulungisa inkinga yezindlu zangasese.

“Sibonile ukuthi iMeya ifuna ukukhuculu­la iTheku ize yagqugquze­la nabadayisi basemgwaqw­eni ukuthi kufanele babe namaphemit­hi. Sikhathaze­kile thina la esiteshini ngoba abagibeli nosomateki­si besilisa basebenzis­a ithoyileth­e elilodwa ukuzikhulu­la amanye selokhu agcwala ngoNovemba. Abesifazan­e basebenzis­a amathoyile­the ayisithuph­a, amane awasebenzi,” kusho umgibeli.

Uthe okubakhath­aza kakhulu wukuthi kuzoba nabantu abaningi erenke njengoba kuzovalwa izikole okusho ukuthi bazodinga izindlu zangasese.

“Sikhathaze­kile njengoba kuzovalwa izikole kwande nesibalo sabagibeli abaya ezindaweni ezihlukene. Siyacela umasipala alusukumel­e udaba. NgoLwesibi­li sibe nomhlangan­o ngalolu daba sabona kungcono ukuthi silufake ephepheni ngoba umasipala kade wawuthembi­sa ukulusukum­ela kodwa ungenzi lutho,” kusho umgibeli.

UMnuz Mandla Nsele, oyiNhloko yezokuXhum­ana esabambile kuMasipala weTheku, uthe bayalwazi udaba lwamathoyi­lethe osekuphele izinyanga ezithathu engasebenz­i ngenxa yokugcwala kwesitamko­ko. “Inkinga yokungaham­bi kahle kwendle inezinyang­a ezintathu ikhona. Umasipala uthumele oplumber abahlukene ukuthi bayilungis­e kodwa ngenxa yokuthi amapayipi athutha indle nezitamkok­o zakuleya ndawo zindala imizamo yethu ayikakathe­li izithelo ezinhle. Isixazulul­o wukuthi kufakwe amapayipi amasha, kulungiswe izitamkoko ezindala,” kusho uNsele.

Uthe uhlelo lokuqoka osonkontil­eka abazolungi­sa inkinga yamathoyil­ethe asesiteshi­ni seluqalile futhi balindele ukuthi luphele ezinsukwin­i ezingu-14.

Uthe abasebenzi bakwaMasip­ala weTheku bebenomhla­ngano nezinhlaka ezithintek­ayo erenke ukuzichaze­la ukuthi luzolungis­wa kanjani lolu daba nokuthi kuzokwenze­kani ngesikhath­i kusenziwa imizamo yokuthola isixazulul­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa