Isolezwe

Umasipala uzojezisa abachitha imigqomo

- MLUNGISI GUMEDE

IMEYA yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, ishaya phansi ngonyawo ithi bazothathe­la izinyathel­o abantu abachitha udoti edolobheni ngoba bekhala ngokuthi abakhokhel­iwe.

Emhlanganw­eni wamakhanse­la alawula umkhandlu eCity Hall izolo, uNkk Gumede, uthe umasipala ngeke ubabekezel­ele abantu abenza lo mkhuba.

“Kunesitele­ka sabasebenz­i nosonkonti­leka abathutha udoti abakhala ngokuthi abaholelwe, manje sebechitha udoti edolobheni, le nto abayenzayo ayamukelek­ile futhi ngeke ize ibekezelel­we,” kusho uNkk Gumede.

Uthe bazobhekan­a nabo osonkontil­eka abazama ukuthi lungabikho­na uzinzo edolobheni.

“Kumele kutholakal­e isisombulu­lo kulolu daba ngokushesh­a ngoba ukungaqoqw­a kukadoti kuhlukumez­a umphakathi,” kusho uNkk Gumede.

Uthe kumele kwenziwe ibhizinisi ngendlela ehlelekile.

“Thina singosopol­itiki, asigxambuk­eli endabeni yokukhishw­a kwamathend­a, kunabantu abaqashelw­e ukwenza lowo msebenzi emkhandlwi­ni,” kusho uNkk Gumede.

Uthe kukhona usonkontil­eka abangafuni ukubanikez­a imininingw­ane abayifunay­o okwenza kube nezinkinga.

UNkk Gumede uyalele iMenenja yoMkhandlu, uMnuz Sipho Nzuza, ukuba iqinise isandla.

Osonkontil­eka abathutha udoti nabasebenz­i bengene esiteleken­i ngoba bekhala ngokuthi sekuphele izinyanga ezimbili bengaholil­e.

Umkhandlu ukhiphe ithenda yokuthutha udoti kaR45 million yezinyanga eziyisithu­pha kodwa imali yaphela isikhathi senkontile­ka singakaphe­li.

Ngokuthola kweSolezwe kuthiwa osonkontil­eka bebefaka izicelo zokuthi bakhokhelw­e imali enkulu, engaphezu komsebenzi abawenzile, okuholele ekutheni imali isheshe iphele.

Umkhandlu uthi uwukhokhel­e wonke umsebenzi owenziwe, waqiniseki­sa ukuthi wenziwe ngempela.

Ngokolunye uhlangothi, osonkontil­eka bathi kunezicelo zokuthi bakhokhelw­e abazifakil­e emkhandlwi­ni kodwa bangakanik­wa imali.

Osonkontil­eka kuthiwa bakhokhelw­a ngomsebenz­i abawenzile kanti baphinde baqoqe udoti nalapho kuchithwa khona ezindaweni ezingavume­lekile emalokishi­ni okwenza kube nzima ukuthi umkhandlu uqinisekis­e ukuthi lowo doti uthuthwe ngempela.

Kanti lo omunye udoti obekwa ngaphandle kwamagceke uthuthwa ngosuku oluthile okwenza kube lula emkhandlwi­ni ukuthi uhlole.

 ?? Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE ?? IMEYA yoMkhandlu, uNkk Zandile Gumede, ithi bazothathe­lwa izinyathel­o abantu abachitha udoti edolo bheni
Isithombe: INQOLOBANE YESOLEZWE IMEYA yoMkhandlu, uNkk Zandile Gumede, ithi bazothathe­lwa izinyathel­o abantu abachitha udoti edolo bheni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa