Isolezwe

ITheku liyaziqhen­ya ngolwamath­enda

- MLUNGISI GUMEDE

IZIKHULU zoMkhandlu weTheku zizishaya isifuba ngokuthi zikwazile ukwehlisa imali yamathenda aphume kungazange kulandelwe imigudu yaba nguR48 million kwisabelom­ali salo nyaka isuka kaR530 million wangonyaka odlule.

Emhlanganw­eni wamakhanse­la alawula umkhandlu eCity Hall izolo, iMeya yoMkhandlu weTheku uNkk Zandile Gumede ichaze ukwehla kwemali ephume kungalande­lwanga imigudu njengempum­elelo enkulu emkhandlwi­ni. “Nakuba ikhona imali ephume kungalande­lwanga imigudu kodwa incane kakhulu uma iqhathanis­wa nemali ephume kwisabelom­ali esidlule, ukwehla kukhombisa ukuthi umkhandlu usezandlen­i ezikahle.”

Uncome iMenenja yoMkhandlu uMnuz Sipho Nzuza wathi imisebenzi yayo nolwazi lwayo olunzulu kwezezimal­i olwenze bafika kulesi sigaba.

UNzuza uthe uzoqhubeka nokubheka ngeso lokhozi izinto ukwenza isiqinisek­o sokuthi incipha kakhulu imali ephuma ngemiseben­zi ekhishwa kungazange kulandelwe imigudu.

UMgcinimaf­a eMkhandlwi­ni weTheku uMnuz Krish Kumar uthe okunye okubajabul­isayo ukuthi nakuba imisebenzi isuke iphume ingazange ilandelwe imigudu kodwa osonkontil­eka abasuke bebaqashil­e bashaya umsebenzi osezingeni eliphezulu. Ikhansela leDA uMnuz Heinz de Boer lithe isizathu esenza ukuthi kuqhubeke ukukhishwa kwemiseben­zi ngendlela engafanele ukuthi abantu abenza lowo mkhuba abathathel­wa izinyathel­o. “Izophela nya lento uma bangajezis­wa abantu abagangayo, manje iyaqhubeka ngoba bayazi ukuthi ngeke baze benziwe lutho,” kusho ude Boer. Nomholi wekhokhasi ye-IFP emkhandlwi­ni uMnuz Mdu Nkosi uthe kusazolokh­u kuqhubeke njalo ukuphuma kwemiseben­zi ngaphandle kokulandel­wa kwemigudu ngoba akuthathel­wa muntu izinyathel­o. “Unyaka nonyaka sihlale sikhuluma into eyodwa kodwa alukho ushintsho,” kusho uNkosi. Umholi wekhokhasi yeDA uNkk Nicole Graham uthe nakuba bekushayel­a ihlombe ukwehla okukhona kodwa mkhulu umsebenzi okusamele wenziwe. “Kumele sifike esigabeni lapho kungeke kube khona musebenzi nowodwa okhishwe ngendlela engafanele siwumkhand­lu,” kusho uNkk Graham.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa