Sigila izimanga isikole seziqengqe
UMA kukhulunywa ngendawo yaseNquthu emiqondweni yabaningi kugqama impi yaseSandlwane lapho uZulu ehlula khona ngejozi amaNgisi ayefuna ukuthatha umhlaba ngombayimbayi nezibhamu.
Kwabanye kuvuka indaba “yokuvuka kwabafile” kowayezenza umculi kamaskandi, uMgqumeni Mseleku Khumalo okwagcina kutholakela ukuthi nguSibusiso Gcabashe.
Abanye bakhumbula inyanga engasekho, eyaduma ngokuba nebhanoyi layo, uMnuz Sosobala Mbatha.
Bambalwa abazi ukuthi kunesikole esibizwa ngokuthi UBongumenzi Secondary esikwaMfongomfongo , okuyindawo esemakhaya engaphandle nje kancane kwedolobha laseNquthu ngaphansi kwenkosi uThathezakhe Ngobese esesiphenduke intandokazi kumaNyuvesi ahlonishwayo eNingizimu Afrika ngenxa yokukhiqiza abafundi abayiziqengqe ku-matric unyaka nonyaka.
Lesi sikole sesineminyaka engu-23 sasungulwa kanti siqale ukuba no-matric ngo-2000.
Selokhu sasungulwa sisalokhu sihlonishwa ngemisebenzi yaso ngaphansi kukathishanhloko waso, uMnuz Sipho Shabalala osekhona namanje.
Ngonyaka odlule, u-matric uphumelele ngo 96% .
UMnuz Phumlani Lushaba oyiphini likathishomkhulu nobejutshwe ukuba akhulume neSolezwe , uthe selokhu u-matric bawuqala ngo-2000 abakaze bathole imiphumela ka-matric engaphansi kuka-70%.
“Ukuzinikela kothisha nomfutho wokwakhana ovela kuthishomkhulu yikho okwenza sikwazi ukuhlale siphuma phambili ngemiphumela. Sinothisha abawuthandayo umsebenzi nabazinikela kakhulu ezinganeni,” kusho uLushaba.
Uthe ukukhiqiza kwabo imiphumela ephezulu sekwenze i-University of Free State neyaKwaZulu-Natal bakhe ubuhlobo neBongumenzi Secondary.
Uveze ukuthi lezi zikhungo zithatha isibalo esithile sabafundi babo abasuke sebeqedile ku-matric njalo ekuqaleni konyaka bayofunda kuzo.
“INyuvesi yaseFree State inezinsuku lapho ifika khona izoqhuba izinhlelo zayo kubafundi bethu. Ifika nongoti bemikhakha eyehlukene kusuka kwezobuchwepheshe, ezempilo, isayensi neminye imikhakha bezofundisa izingane zethu. Empeleni sesinezingane eziningi ezifunda eFree State ezithathwa njalo uma kuqala unyaka. Ne-UKZN isilekelela kakhulu njengoba nayo yenza isiqiniseko sokuthi iyazithatha izingane zethu,” kuqhuba uLushaba.
Uveze nokuthi isikole sabo sihamba phambili kwezeSayensi ngoba kulo nyaka kuYouth Creative Art Programme baphume phambili baqwaqwada zonke izikole zesifunda uMzinyathi District.
Uthe basuke lapho baya ezingeni lesifundazwe bakuphinda lokho baze bafika kowamanqamu obuseKimberly.
Uthe lapho bamele iKZN balala isibili.
Uthisha onconywa kakhulu kulesi sikole ngeSayensi, nguMnuz Themba Shelembe. Ithimba labafundi bakhe selikwazile nokuzakhela i-micro wave asebefuna ukuyibhalisa kwababhekele ukusebenza kwempahla kagesi ukuze isebenze ngokusemthethweni.
ULushaba uthe izifundo abagxile kakhulu kuzo iMathematics, Science, Geography, Life Science (Biology) ne-Accounting.
Uthe ngonyaka owedlule bathole ama-bachelor angu-70% kwasekuba o-distinction abawu50%.
Lesi sikole sinenqwaba yezinkomishi eziwubufakazi bokunqoba imincintiswane esizibandakanye nayo okubalwa ezemidlalo, ezemfundo nokunye.
ULushaba uthe imfihlo abanayo ukuhlale bephambi kwabafundi bebafundisa.
Udalule nokuthi baba nezikhathi ezengeziwe zokufunda.
Uthe baqala ekuseni ngehora lesikhombisa baphume ligamenxe elesine ntambama.
Ngisho nangeMgqibelo uthi othisha bathatha isikhathi sabo bezofundisa yikho bekhiqiza iziqengqe uma sekuphele unyaka.
Okunye okugqamile ukuthi kulesi sikole abafundi bayaphekelwa ngokohlelo lukahulumeni nokubenza bahlale bephapheme..
Okunye ukuthi abafundi baba nezivivinyo njalo emasontweni amabili ukuze bahlale behlomele lezo ezisuke zihlelwe umnyango.
Ngendlela izindondo eziningi ngayo kulesi sikole, sezize zakhelwa ikhabethe lazo.
Lesi sikole siqanjwe ngoyise wenkosi ebusayo yesizwe sakwaNgobese.
Siyisikole esikleliswe njengoQuintal 3, okusho ukuthi kufundwa mahhala ngenxa yokuthi sakhele indawo enabantu abaningi abahluphekayo nabathembele emalini yesibonelelo sikahulumeni.
Sinabafundi abangu-1 300 sebebonke . Abenza u-matric bangu-150.
Sinothisha abangu-38, abasebenzi ababhekele ukusebenza kwansukuzonke abayisihlanu nabaphekayo abane.
Akugcini lapho kodwa okuvelayo ukuthi abazali bathathe isinqumo sokuba bakhokhe imali yokubhekana nezidingo zesikole enguR100 ngonyaka.
Le mali kuthiwa isisize ekwakheni amanye amagumbi okufunda nasekuhlinzekeni ngezidingo ezahlukene zabafundi.
Ngonyaka lesi sikole sabelwa imali engaphezulu kancane kukaR1 million. Le mali ayikwazi ukubhekana nazo zonke izidingo zesikole, yingakho abazali benqume ukuba bakhokhe.
Okunye ukuthi othisha baneqhaza elikhulu ekutheni umfundi osuke ephumelele kahle kodwa engenayo imali yokuqhubeka, asizwe ngokuba afunelwe uxhaso lokuya ezikhungweni zemfundo ephakeme.