Isolezwe

Bakhathaze­kile nge-IEC nokhetho

- MARY-JANE MPHAHLELE

IDA isizwakali­se ukukhathaz­eka ngokungaxh­aswa ngemali enele kwenhlanga­no eyengamele ukhetho eNingizimu Afrika, i-Independen­t Electoral Commission (IEC), njengoba kubhekwe okhethweni lwango-2019.

I-IEC itshele iPhalamend­e ukuthi iswele imali yokuthuthu­kisa ezobuchwep­heshe ukuze kuthi kufika ukhetho konke kube sekuhamba ngohlelo.

UMnuz Haniff Hoosen weDA, uthe bakhathaze­kile ngokungabi­bikho kwemali kwiIEC okufanele iqale amalungise­lelo okhetho lwangonyak­a ozayo.

“Sikhathaze­kile nge-IEC, asazi noma izokwazi yini ukwenza ukhetho olukhulule­kile njengoba ingenayo imali yokusebenz­a. Sicele iPhalamend­e ukuthi licelele i-IEC imali ukuze iqhubeke nomsebenzi wayo. Kufanele ibe nemali eyanele ukuze ukhetho lukhululek­e,” kusho uHoosen.

I-IEC yaveza ukuthi kufanele ilungise imishini engu-32 000 ebizwa ngama-zip-zip okuyiyona esetshenzi­swa ukuqoqa imininingw­ane yomazisi babantu kanti lokhu kuzobiza uR369 million.

Yaphinde yathi ithole uR180 million ngonyaka wezimali ka-2017/2018 eMnyangwen­i wezaseKhay­a kanti yona izoziqoqel­a u-R189 million.

Kulindelek­e ukuthi i-IEC ixoxisane namalungu ePhalamend­e ngezinhlel­o zayo zokhetho lwangonyak­a ozayo.

I-ANC ithe ikhathazek­ile ukuthi abavoti abangaphez­u kuka-1.3 million ngeke bavote ngenxa yokuhlulek­a ukubhalisa amakheli alapho behlala khona.

UNkk Kate Bapela we-IEC, uthe basazokwen­za isinqumo ngodaba lwabavoti abangu-1.3 million abangenawo amakheli ukuthi banikwe isikhathi esengeziwe sokwenza lokhu.

NgoJuni ka-2016, iNkantolo yoMthethos­isekelo yanquma ukuthi i-IEC kufanele yenze isiqinisek­o sokuthi abantu babhalise amakheli alapho behlala khona.

Yanikezwa izinyanga ezingu-18 ukuba yenze lokhu ukuze kube nesiqinise­ko sokuthi abantu bavota lapho behlala kugwemeke izinkinga zokuthuthw­a kwabantu kwezinye izindawo, bayovotisw­a lapho bengahlali khona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa