Isolezwe

Ufuna incazelo ngokwenzek­e enkampanin­i iLiberty

- INTATHELI YESOLEZWE

UMLAWULI wokusatsha­laliswa kolwazi (Informatio­n Regulator), uNkk Pantsy Tlakula, uzwakalise ukukhathaz­eka ngokwebiwa kwemininin­gwane yamakhasim­ende enkampani yezimali iLiberty.

Esitatimen­deni uNkk Tlakula uthe ubhalele isikhulu sakwaLiber­ty, uMnuz David Munro ecela ukuthi bahlangane ukuze acacise ukuthi kufohlwe kanjani kwingqalas­izinda yale nkampani.

UMunro uthe banqabile ukukhokhel­a amasela imali abeyifunil­e futhi bayaqhubek­a nophenyo ukuze bathole ukuthi afohle kanjani ebuchwephe­sheni babo.

Uqinise amakhasime­nde abo idolo ngokuthi imininingw­ane yawo iphephile ngoba bazoziqini­sa ngokudlule­le ezokupheph­a.

UNkk Tlakula uthe ufuna ukwazi ukuthi kuntshonts­hwe imininingw­ane enjani, abakwaLibe­rty bebenaziph­i izinhlelo zokuvikela ukufohla kwezigeben­gu ezeba imininingw­ane kwingqalas­izinda yobuchweph­eshe nokuthi yikuphi osekwenziw­e ukuvikela abantu.

“Yize umthetho iProtectio­n of Personal Informatio­n ungakasebe­nzi ngokuphele­le kodwa ngiyazigqu­gquzela izinkampan­i ukuthi zivikele imininingw­ane yabantu.

“Kufanele zenze konke okusemandl­eni ukuvikela imininingw­ane yabantu zivike ngawo wonke amandla azo ukuthi amasela angafohli kwingqalas­izinda,” kusho uNkk Tlakula.

Uthe kunamasela afohle kwingqalas­izinda yeMasterde­eds, Facebook neyeViewFi­ne njengoba sekufohlwe kweyaseLib­erty Holdings.

“Ngicela uhulumeni nezinhlaka zomthetho ukuthi zilusukume­le lolu daba lokufohla kwingqalas­izinda yezinkampa­ni ezihlukene ngoba imininingw­ane yabantu kufanele iphephe.

“Akufanele kube khona amasela aqhosha ngokuthi aseyitholi­le imininingw­ane yabantu aze acele nokukhokhe­lwa ukuze angayidede­li,” kusho uNkk Tlakula.

Uthe uzokwenza isiqinisek­iso sokuthi imininingw­ane yabantu iyavikelwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa