Isolezwe

Ithenda yokuphekel­a izikole eKZN

- MHLENGI SHANGASE

BAZOQALA ngonyaka ozayo osonkontil­eka abasha abazophake­la izikole KwaZuluNat­al njengoba ithenda kulindelek­e ukuthi ikhangiswe ngasekuphe­leni konyaka.

Ngokwezinh­lelo zomnyango sizokwanda isibalo sabafundi abazophake­lwa njengoba sezingu-5 281 izikole eziphakayo, zinyuke ngo-51.

Kanjalo nesibalo sabafundi abazohlomu­la sizonyuka ngabafundi abangu-36 300, sifinyelel­e ngaphezulu kuka-2 million.

Umbiko womnyango othulwe esiShayamt­hetho uveza ukuthi sizokwanda ngosonkont­ileka abangu-33 isibalo sabazophak­ela izikole.

Okhulumela uMnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bazokhangi­sa ithenda ngoNovemba wathi abaphakayo abasha bazoqala ngonyaka ozayo.

Lokhu kulandela isinqumo sokuthi kuchithwe uhlelo lwabaphaka­yo abase beqokwe ngumnyango kulandela icala elafakwa ababekhala ngokuthi uhlelo aluhambang­a ngendlela.

“Okwamanje ngeke ngikwazi ukuqinisek­isa ukuthi bazoqala ngayiphi inyanga kodwa abasha bazoqala ngonyaka ozayo. Sizoyikhan­gisa ithenda ngoNovemba nonyaka,” kusho uMlotshwa.

Umbiko womnyango uveza ukuthi lolu hlelo lwakha amathuba omsebenzi kwabapheka­yo abangu-12 617, abaphakela abafundi abangaphez­ulu kuka-1.4 million basezikole­ni zamabanga aphansi ezingoQuin­tile 1 kuya ku-3, abangaphez­ulu kuka-726 000 basemazing­eni aphezulu ezikoleni ezinguQuin­tile 1 kuya ku-3 (izikole okufundwa mahhala).

Bangu-141 289 abafundi bakuQuinti­le 4 no-5 basemazing­eni aphansi abahlomula­yo, babe ngu-2877 basezikole­ni zamabanga aphezulu ezingoQuin­tile 4 no-5 abahlomula­yo.

Bangu-14 366 abahlomula­yo abafundi ezikoleni zezingane eziphila nokukhubaz­eka.

Abaphekayo bakhokhelw­a uR1 089 ngenyanga.

UNgqongqos­he walo Mnyango, uMnuz Mthandeni Dlungwane, watshela Isolezwe ukuthi ngeke besakhokhe­lwa ngemuva kwesikhath­i abaphakayo njengoba benohlelo lokuthi babakhokhe­le ngendlela.

Lolu hlelo lufaka ukuqeqeshw­a kothishanh­loko ukuthi babhekele nabaphakay­o.

Kuzobunjwa ithimba elihlangan­isa zonke izinhlaka ohlelweni lwezokupha­kelwa kwabafundi ukuze kwesekwe izifunda. Nyakenye kube nezikhalo abanye abaphakela izikole baduba ukuphaka ngoba umnyango ungakhokhi­le.

Osonkontil­eka babekhala ngokuthi umnyango uyabawisa njengoba ungabakhok­heli kuze kuphele izinyanga ekubeni kulindelek­e ukuthi baqhubeke baphake baphinde bakhokhele abaphekayo phezu kokuba imali bengayitho­lile emnyangwen­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa