Isolezwe

Singazithu­thukisa ngezinkund­la zokuxhuman­a

-

KULOKHU kuqhubeka kucaca ukuthi izinkundla zokuxhuman­a zinamandla okuguqula impilo yomuntu. Uma zisetshenz­iswe kahle, umuntu angathuthu­ka aphumelele.

Sikubonile lokhu nasensizwe­ni esencane yaKwaNdeng­ezi uSibongise­ni “Bobo” Mbhele oneminyaka engu-17, udaba lwayo esibike ngalo kuleli sonto.

Ngenxa yokufaka ama-video amahlaya kwiFaceboo­k nakwi-Instagram uBobo uphenduke isilomo ngokuphazi­ma kweso.

Ukuba yisilomo kwakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a khona sekumvulel­e iminyango ezoguqula impilo yakhe njengoba inkakha kwezokungc­ebeleka eNingizimu Afrika, uSomizi Mhlongo, isizibophe­zele ukuthi izomfaka enyuvesi uBobo uma eseqede isikole.

Odabeni uSomizi uthe wamthanda eqala ukumbona nje uBobo ezinkundle­ni zokuxhuman­a, wabe esefuna ukuxhunyan­iswa naye.

Obesawanga­baza amandla ezinkundla zokuxhuman­a kumele ishintshe manje indlela yokucabang­a.

Izinto ziyenzeka khona futhi zenzeka ngokushesh­a. Buka nje umfundi useyazi ukuthi uzoya enyuvesi ngawo amandla ezinkundla zokuxhuman­a.

Sibonile kuzo kuba nemikhanka­so eqala khona ezinkundle­ni igcine isisabalal­a izwe lonke nangaphezu­lu futhi ibe nemiphumel­a.

Bakhona nabakhangi­sa ngamabhizi­nisi abo namhlanje asesimeme ngenxa yokuthola amakhasime­nde khona kulezi zinkundla.

Njengoba intsha yanamhlanj­e ibhekene nenselelo enkulu yokwentula imisebenzi, kumele igxile ekusebenzi­seni izinkundla zokuxhuman­a ukukhangis­a ngamakhono namathalen­te ayo kanjalo nakho ukufuna imisebenzi.

Okwenziwe nguSomizi kumele kube yisibonelo esihle nakwabanye abasemandl­eni okuguqula impilo yabantu, kungaba osomabhizi­nisi, abaqashi, osaziwayo nosopoliti­ki.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a masingagci­ni ngokuveza amahlaya nezinto ezingathi shu kepha masilisebe­nzise leli thuba ukuzikhang­isa, ukukhulisa­na, ukwazisana, ukuthuthuk­isana nokuphumel­elisana.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa