Singazithuthukisa ngezinkundla zokuxhumana
KULOKHU kuqhubeka kucaca ukuthi izinkundla zokuxhumana zinamandla okuguqula impilo yomuntu. Uma zisetshenziswe kahle, umuntu angathuthuka aphumelele.
Sikubonile lokhu nasensizweni esencane yaKwaNdengezi uSibongiseni “Bobo” Mbhele oneminyaka engu-17, udaba lwayo esibike ngalo kuleli sonto.
Ngenxa yokufaka ama-video amahlaya kwiFacebook nakwi-Instagram uBobo uphenduke isilomo ngokuphazima kweso.
Ukuba yisilomo kwakhe ezinkundleni zokuxhumana khona sekumvulele iminyango ezoguqula impilo yakhe njengoba inkakha kwezokungcebeleka eNingizimu Afrika, uSomizi Mhlongo, isizibophezele ukuthi izomfaka enyuvesi uBobo uma eseqede isikole.
Odabeni uSomizi uthe wamthanda eqala ukumbona nje uBobo ezinkundleni zokuxhumana, wabe esefuna ukuxhunyaniswa naye.
Obesawangabaza amandla ezinkundla zokuxhumana kumele ishintshe manje indlela yokucabanga.
Izinto ziyenzeka khona futhi zenzeka ngokushesha. Buka nje umfundi useyazi ukuthi uzoya enyuvesi ngawo amandla ezinkundla zokuxhumana.
Sibonile kuzo kuba nemikhankaso eqala khona ezinkundleni igcine isisabalala izwe lonke nangaphezulu futhi ibe nemiphumela.
Bakhona nabakhangisa ngamabhizinisi abo namhlanje asesimeme ngenxa yokuthola amakhasimende khona kulezi zinkundla.
Njengoba intsha yanamhlanje ibhekene nenselelo enkulu yokwentula imisebenzi, kumele igxile ekusebenziseni izinkundla zokuxhumana ukukhangisa ngamakhono namathalente ayo kanjalo nakho ukufuna imisebenzi.
Okwenziwe nguSomizi kumele kube yisibonelo esihle nakwabanye abasemandleni okuguqula impilo yabantu, kungaba osomabhizinisi, abaqashi, osaziwayo nosopolitiki.
Ezinkundleni zokuxhumana masingagcini ngokuveza amahlaya nezinto ezingathi shu kepha masilisebenzise leli thuba ukuzikhangisa, ukukhulisana, ukwazisana, ukuthuthukisana nokuphumelelisana.