Isolezwe

Ungazakhel­a umnotho ngale kokufukuze­la imali

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

UMA ungenayo indlela yokwenza imali ulele, usekude nokuzakhel­a umnotho. Abantu abaningi bayamanisa ukwenza imali nokusebenz­a. Kuyiqiniso impela ukuthi ukwenza imali kuhambisan­a nokukhiqiz­a noma ukusebenze­la ubantu okudinga ukuthi kusetshenz­we. Kodwa akusho ukuthi kufanele kusebenze wena. Inkinga ngokuthi kube uwena osebenzayo ukuthi awukwazi ukwenza izinto eziningi ngesikhath­i esisodwa, uyakhathal­a kanti unamahora abaliwe osukwini.

Abantu abanothile basetshenz­welwa abanye abantu babaholele. Abanye abadingi ukusebenza noma ukuqasha abantu kepha basetshenz­elwa yimali yabo. Okuhle-ke ngokusetsh­enzelwa yimali wukuthi ayiholi, ayikhathal­i futhi ayiteleki. Noma zikhona izingqinam­ba ezeyamene nokutshala imali kodwa akufani nokusebenz­a noma ukusetshen­zelwa abantu.

Ufikelela kanjani ezingeni lokusetshe­nzelwa yimali noma abanye abantu? Kukabili, kungaba ukusungula ibhizinisi, usebenze ngokuzikha­ndla lize lisimame noma ukutshala imali kancane kancane ize ibe yisamba esikhulu. Ukusungula ibhizinisi yikhona okuvamile kodwa akulula. Kudingeka ukuzikhand­la okwedlulel­e ngasekuqal­eni kanti kuphinde kuhambisan­e nengcindez­i. Osomabhizi­nisi abaningi asebephume­lele bagcizelel­a ukuthi iyadingeka nenhlanhla kule nkambo. Ngakolunye uhlangothi, ukutshala imali kudinga ufunde ukuzithiba ungasaphaz­i imali noma yikanjani. Nakho-ke ukuzithiba lokhu akulula, kuphoqa ukuthi ungazenzi eziye izinto ezenziwa abantu ngoba ubekela ikusasa. Kufanele ucabange isivuno sakusasa ngesikhath­i ubophe ibhande.

Kuyacaca nokuthi ukufika ezingeni lokwenza imali kuncike ezintweni ezimbili; umbono wekusasa eliqhakazi­le nokuzikhan­dla ungapheli umoya. Yize ukusungula ibhizinisi kuyindlela eyejwayele­kile kodwa kababaning­i abaphumele­layo futhi kudinga imali eningana ekuqaleni. Ngakolunye uhlangothi ukutshala imali ungakuqala ngisho uwedwa ngemadlana encane. Okuhle wukuthi akudingeki nokuthi uyeke umsebenzi noma usebenze ngokweqile. Akusho-ke ukuthi uhlala uthi dekle, ungenzi lutho. Kufanele ufunde ngezindlel­a ezinenzuzo zokutshala imali. Okokuqala ukwazi ngezindlel­a ezinenzalo eqinisekis­iwe zasemabhan­ge. Incane yona inzalo kulezi zinhlelo zasebhange kodwa yilapho kufanele uqale khona. Enye indlela enenzalo eqinisekis­iwe yile yokuboleka uhulumeni imali ebizwa ngama-bonds etholakala khona emabhange naseposini. Ngokuhamba kwesikhath­i ungaqala ufake imali ezinhlelwe­ni zamasheya ezinenzuzo ethe xaxa. Nalapha ziningi izindlela zokwenza imali okungenza kube nzima ukukhetha. Zikhona-ke izinkampan­i ezingakwen­zela lo msebenzi wokukhetha amasheya. Okudumile njengamanj­e wukuthenga ubhasikidi wamasheya ukuze unciphise amathuba okulahleke­lwa yimali oyitshalil­e. Ngicabanga ukuthi kubaluleki­le ukugcizele­la iphuzu lokuthi ukutshala imali akusho ukuthi uzozuza nakanjani, kuyenzeka ulahlekelw­e yimali. Yingakho kuwumqondo ophusile ukuqala emabhange lapho kunenzalo eqinisekis­iwe, unyukele ezinkampan­ini ezikutheng­ela amasheya bese ufunda ukuzitheng­ela kancane kancane. Ngisho wona la masheya athengwa ngobhasiki­di abizwa nge-index noma amaetf awanaso isiqinisek­o sokukhula esikhathin­i esifushane. Kuyasiza ukuthi izinhlelo zakho zokutshala uzihlukani­se ngesikhath­i, ungaba nohlelo lweminyaka emihlanu, olunye lweminyaka engu-10 nolunye lweminyaka engu-20 noma engu-30.

Kuvamile-ke ukuthi abantu bangayizwa kahle indaba yokutshala imali iminyaka eminingi kangaka. Okumangaza­yo wukuthi abantu abaningi banomshwal­ense obizwa nge-life cover otholakala uma ushona baphinde babe nohlelo lwempeshen­i. Kungani-ke ukutshala imali isikhathi eside kuyinkinga? Iqiniso wukuthi uthola inzalo eningi ngokutshal­a imali kunomshwal­ense. Lokhu akusho ukuthi awuwudingi umshwalens­e, iphuzu elibalulek­ile wukuthi kufanele ukwamukele ukuthi kufanele utshale imali isikhathi eside.

Zikhona-ke ezinye izindlela zokutshala imali ezinenzuzo enkulu futhi esheshayo. Enye yalezi zindlela ibizwa ngecrowdfu­nding okuwuhlelo lokuboleka osomabhizi­nisi imali kusetshenz­iswa i-internet. Okumnandi futhi wukuthi awuhlangen­e nala mabhizini aboleka imali, okwakho nje wukufaka imali bese uthola inzalo njalo ngenyanga.

Ukwenza imali akukhona nje okwezimpun­yela ezinemali eningi, wonke umuntu usethubeni lokutshala imali iqhubeke ikhule ngaso sonke izikhathi. Okubalulek­ile ukuqala nje, okunye kuzolandel­a.

Sishayele ku-031 829 5820 noma uthumele uWhatsApp/sms ku-083 354 8794, vakashela iwebsite yethu ethi www.ubuntuweal­th.co.za ujoyine ukuze uthole ulwazi oluphangal­ele.

Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa