Angiyizwisisi eyokuholelwa kwezinduna
MHLELI: Angazi noma ngizobe sengikhombisa ukungabahloniphi yini abantu abadala ngokuveza okwami ukubona nokucabanga, ngale ndaba ephume kwelakho eliwela umfula ugcwele ngomhla ka 15 Juni 2018, lapho khona izinduna zamakhosi aKwa-Zulu Natal zikhala ngokungakhokhelwa izimali zawo lezi ezibizwa ngokuthi phecelezi “backpay” ngolimu lwasemzini.
Nginokudideka ukuthi kwasekuqaleni kwenziwa yini ukuthi uhulumeni athi uzoziholela izinduna? Yebo, ngiyaqonda ukuthi ziyawusebenzela umphakathi noma ngithi nje izizwe zamakhosi ezingaphansi kwawo.
Uma ngingaphosisi manje izindawo eziningi ezisabuswa ngamakhosi zinezikhwama zazo, lezi ezibizwa ngama “Trust”. Kwakungeke yini kube isu elihle ukuthi uma befisa ukuthi izinduna zihlomule ngandlela thize baziholele ngalezi zikhwama noma-ke mhlampe ziholelwe ngeNgonyama Trust? Impela siyazi ukuthi ikhona kodwa kasiwazi umsebenzi wayo emphakathini. Pho le mali efakwa uhulumeni nezinkampani kwiNgonyama Trust isetshenziswa nini?
Kuyimanje kunentsha eningi kuleli ehleli emakhaya neziqu zemfundo ephakeme engicabanga ukuthi kwakungaba isu elihle ukuthi uhulumeni asebenzise le mali ayiholela izinduna ukusiza yona intsha .
Mhlawumbe ngabe kuyazwakala ukube uhulumeni uholela yona le ntsha engakawatholi amatoho ukuze phela izokwazi nanoku khokhela izidingo nezindleko zokuhambe ifesa ngokuya kuma-internet cafe nemali yokugibela iyofaka ama “CV” ayo ezinkampanini ezingaba ngabaqashi bayo kusasa.
Angilwisani nezinduna ngoba phela nazo azikaze zizicelele ukuba uhulumeni aziholele kodwa futhi ngibona sengathi iyona into ezokwandisa ukubulalana lokhu kubantu sebebanga bona phela ubunduna lobu ngoba sekuphenduke umsebenzi oholela imali enhle lapha ezweni.
Uma ngizwa kahle, izinduna zikhala ngokuthi kuthiwa imali mayinikwe omasipala ukuze bakwazi ukuhambisa intuthuko emphakathini. Zibe sezibuza-ke ukuthi ngabe kanti uhulumeni ubona sengathi zona kazinazidingo yini? Angithi phela kuhle uma uhulumeni ethuthukisa ingqalasizinda ukuze kuzohlomula yona le miphakathi ephethwe yibo ondabezitha abaphethe zona izinduna.
Cha angizami ukuba ngumkhulumeli womnyango oqondene nalolu daba kuhulumeni kodwa bengithi kangisike elijikayo. Ntuthuko Bhengu INANDA GLEBE