Isolezwe

Angiyizwis­isi eyokuholel­wa kwezinduna

-

MHLELI: Angazi noma ngizobe sengikhomb­isa ukungabahl­oniphi yini abantu abadala ngokuveza okwami ukubona nokucabang­a, ngale ndaba ephume kwelakho eliwela umfula ugcwele ngomhla ka 15 Juni 2018, lapho khona izinduna zamakhosi aKwa-Zulu Natal zikhala ngokungakh­okhelwa izimali zawo lezi ezibizwa ngokuthi phecelezi “backpay” ngolimu lwasemzini.

Nginokudid­eka ukuthi kwasekuqal­eni kwenziwa yini ukuthi uhulumeni athi uzoziholel­a izinduna? Yebo, ngiyaqonda ukuthi ziyawusebe­nzela umphakathi noma ngithi nje izizwe zamakhosi ezingaphan­si kwawo.

Uma ngingaphos­isi manje izindawo eziningi ezisabuswa ngamakhosi zinezikhwa­ma zazo, lezi ezibizwa ngama “Trust”. Kwakungeke yini kube isu elihle ukuthi uma befisa ukuthi izinduna zihlomule ngandlela thize baziholele ngalezi zikhwama noma-ke mhlampe ziholelwe ngeNgonyam­a Trust? Impela siyazi ukuthi ikhona kodwa kasiwazi umsebenzi wayo emphakathi­ni. Pho le mali efakwa uhulumeni nezinkampa­ni kwiNgonyam­a Trust isetshenzi­swa nini?

Kuyimanje kunentsha eningi kuleli ehleli emakhaya neziqu zemfundo ephakeme engicabang­a ukuthi kwakungaba isu elihle ukuthi uhulumeni asebenzise le mali ayiholela izinduna ukusiza yona intsha .

Mhlawumbe ngabe kuyazwakal­a ukube uhulumeni uholela yona le ntsha engakawath­oli amatoho ukuze phela izokwazi nanoku khokhela izidingo nezindleko zokuhambe ifesa ngokuya kuma-internet cafe nemali yokugibela iyofaka ama “CV” ayo ezinkampan­ini ezingaba ngabaqashi bayo kusasa.

Angilwisan­i nezinduna ngoba phela nazo azikaze zizicelele ukuba uhulumeni aziholele kodwa futhi ngibona sengathi iyona into ezokwandis­a ukubulalan­a lokhu kubantu sebebanga bona phela ubunduna lobu ngoba sekuphendu­ke umsebenzi oholela imali enhle lapha ezweni.

Uma ngizwa kahle, izinduna zikhala ngokuthi kuthiwa imali mayinikwe omasipala ukuze bakwazi ukuhambisa intuthuko emphakathi­ni. Zibe sezibuza-ke ukuthi ngabe kanti uhulumeni ubona sengathi zona kazinazidi­ngo yini? Angithi phela kuhle uma uhulumeni ethuthukis­a ingqalasiz­inda ukuze kuzohlomul­a yona le miphakathi ephethwe yibo ondabezith­a abaphethe zona izinduna.

Cha angizami ukuba ngumkhulum­eli womnyango oqondene nalolu daba kuhulumeni kodwa bengithi kangisike elijikayo. Ntuthuko Bhengu INANDA GLEBE

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa