Isolezwe

Ayiphele indaba yamalungel­o ezinganeni ngoba ayisizi lutho

-

MHLELI: Ngizwa ubuhlungu nokujabha uma ngibona intsha yanamuhla ilahlekelw­e ukwazi nokuqonda kabanzi ngeholidi layo uJuni 16. Angicabang­i ukuthi inhloso yentsha yango-1976 kwakuwukul­wela le nsambathek­a eyenziwa yile nzalo kathayela yanamuhla.

Ukuba yizigqila zotshwala kuyinto engifikise­la ngezinyemb­ezi ngoba lokho kuchaza ukuthi abayazi inhloso eyayilwelw­a abafowethu. Uma intsha isizinikel­e kanje emambawini lokho kusho ukuthi ayinandaba neholidi likaJuni 16 kodwa amambawu kuphela enendaba nawo.

Uhulumeni kusamele acabangisi­se kabanzi ngala malungelo awanikeza intsha, uma ngabe ezothi ingane inelungelo bese umzali engakwazi ukulawula ingane nokuyishay­ela umthetho. Lokho kwenza izwe elingasime­me kahle ngenxa yomthetho osekela ingane.

Abazali abaqinise umthetho emakhaya ngokuthi banike izingane imali yezinto zesikole kodwa hhayi eyokuyojab­ula nabangani. Umzali ophilayo onengane yentombaza­ne uthini uma kuze kushone ilanga ingekho ekhaya, aze ayolala ingekho. Bazali umsiko awuphele, ikakhuluka­zi komama. Ubaba akabinazwi uma ngabe ingane izikhiphil­e ngoba isuke iphume isinyelela engazi lutho. Ngakhoke uhulumeni akayeke le ndaba yamalungel­o ngoba akabe esachaza ukuthi asebenza kuphi kanjani. Buka nje ezikoleni ziyafeyila, zishaya othisha, ziyadakwa. Konke kwenziwa yizona ngoba zithi zinamalung­elo.

Uhulumeni akayiqede indaba yamalungel­o ngoba awasisizi ngalutho ,ukunalokho alimaza ikusasa laleli zwe. Sbongseni Lamula ESAHLUMBE MHLELI: Ngiphawula ngodaba olwalusihl­oko sithi ‘Sizonxusa ukuthi ingavotelw­a i-ANC’ olwalubhal­we nguMbhisho­bhi weZayoni nahambisan­a nabo.

Ngicela uMbhishobh­i uNgcobo nahambisan­a nabo baphenye ukuthi kuliqiniso kangakanan­i ukuthi owayengume­ngameli uJacob Zuma unesandla ekutheni izwe nobukhosi bakwaNdwan­dwe bungabuyis­elwa kwaNdwandw­e

Nginesiqin­iseko sokuthi uma bephenye kahle uzowahoxis­a amagama akhe futhi ngingathok­oza uma uMbhishobh­i engashesha lungakafik­i ukhetho ukuze abantu bavote ngokonembe­za babo. Sthembiso Ndwandwe KWANONGOMA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa