Ayiphele indaba yamalungelo ezinganeni ngoba ayisizi lutho
MHLELI: Ngizwa ubuhlungu nokujabha uma ngibona intsha yanamuhla ilahlekelwe ukwazi nokuqonda kabanzi ngeholidi layo uJuni 16. Angicabangi ukuthi inhloso yentsha yango-1976 kwakuwukulwela le nsambatheka eyenziwa yile nzalo kathayela yanamuhla.
Ukuba yizigqila zotshwala kuyinto engifikisela ngezinyembezi ngoba lokho kuchaza ukuthi abayazi inhloso eyayilwelwa abafowethu. Uma intsha isizinikele kanje emambawini lokho kusho ukuthi ayinandaba neholidi likaJuni 16 kodwa amambawu kuphela enendaba nawo.
Uhulumeni kusamele acabangisise kabanzi ngala malungelo awanikeza intsha, uma ngabe ezothi ingane inelungelo bese umzali engakwazi ukulawula ingane nokuyishayela umthetho. Lokho kwenza izwe elingasimeme kahle ngenxa yomthetho osekela ingane.
Abazali abaqinise umthetho emakhaya ngokuthi banike izingane imali yezinto zesikole kodwa hhayi eyokuyojabula nabangani. Umzali ophilayo onengane yentombazane uthini uma kuze kushone ilanga ingekho ekhaya, aze ayolala ingekho. Bazali umsiko awuphele, ikakhulukazi komama. Ubaba akabinazwi uma ngabe ingane izikhiphile ngoba isuke iphume isinyelela engazi lutho. Ngakhoke uhulumeni akayeke le ndaba yamalungelo ngoba akabe esachaza ukuthi asebenza kuphi kanjani. Buka nje ezikoleni ziyafeyila, zishaya othisha, ziyadakwa. Konke kwenziwa yizona ngoba zithi zinamalungelo.
Uhulumeni akayiqede indaba yamalungelo ngoba awasisizi ngalutho ,ukunalokho alimaza ikusasa laleli zwe. Sbongseni Lamula ESAHLUMBE MHLELI: Ngiphawula ngodaba olwalusihloko sithi ‘Sizonxusa ukuthi ingavotelwa i-ANC’ olwalubhalwe nguMbhishobhi weZayoni nahambisana nabo.
Ngicela uMbhishobhi uNgcobo nahambisana nabo baphenye ukuthi kuliqiniso kangakanani ukuthi owayengumengameli uJacob Zuma unesandla ekutheni izwe nobukhosi bakwaNdwandwe bungabuyiselwa kwaNdwandwe
Nginesiqiniseko sokuthi uma bephenye kahle uzowahoxisa amagama akhe futhi ngingathokoza uma uMbhishobhi engashesha lungakafiki ukhetho ukuze abantu bavote ngokonembeza babo. Sthembiso Ndwandwe KWANONGOMA