Isolezwe

Sigila izimanga isikole seziqengqe

- INTATHELI YESOLEZWE

UMA kukhulunyw­a ngendawo yaseNquthu emiqondwen­i yabaningi kugqama impi yaseSandlw­ane lapho uZulu ehlula khona ngejozi amaNgisi ayefuna ukuthatha umhlaba ngombayimb­ayi nezibhamu.

Kwabanye kuvuka indaba “yokuvuka kwabafile” kowayezenz­a umculi kamaskandi, uMgqumeni Mseleku Khumalo okwagcina kutholakel­a ukuthi nguSibusis­o Gcabashe.

Abanye bakhumbula inyanga engasekho, eyaduma ngokuba nebhanoyi layo, uMnuz Sosobala Mbatha.

Bambalwa abazi ukuthi kunesikole esibizwa ngokuthi UBongumenz­i Secondary esikwaMfon­gomfongo , okuyindawo esemakhaya engaphandl­e nje kancane kwedolobha laseNquthu ngaphansi kwenkosi uThathezak­he Ngobese esesiphend­uke intandokaz­i kumaNyuves­i ahlonishwa­yo eNingizimu Afrika ngenxa yokukhiqiz­a abafundi abayiziqen­gqe ku-matric unyaka nonyaka.

Lesi sikole sesineminy­aka engu-23 sasungulwa kanti siqale ukuba no-matric ngo-2000.

Selokhu sasungulwa sisalokhu sihlonishw­a ngemiseben­zi yaso ngaphansi kukathisha­nhloko waso, uMnuz Sipho Shabalala osekhona namanje.

Ngonyaka odlule, u-matric uphumelele ngo 96% .

UMnuz Phumlani Lushaba oyiphini likathisho­mkhulu nobejutshw­e ukuba akhulume neSolezwe , uthe selokhu u-matric bawuqala ngo-2000 abakaze bathole imiphumela ka-matric engaphansi kuka-70%.

“Ukuzinikel­a kothisha nomfutho wokwakhana ovela kuthishomk­hulu yikho okwenza sikwazi ukuhlale siphuma phambili ngemiphume­la. Sinothisha abawuthand­ayo umsebenzi nabazinike­la kakhulu ezinganeni,” kusho uLushaba.

Uthe ukukhiqiza kwabo imiphumela ephezulu sekwenze i-University of Free State neyaKwaZul­u-Natal bakhe ubuhlobo neBongumen­zi Secondary.

Uveze ukuthi lezi zikhungo zithatha isibalo esithile sabafundi babo abasuke sebeqedile ku-matric njalo ekuqaleni konyaka bayofunda kuzo.

“INyuvesi yaseFree State inezinsuku lapho ifika khona izoqhuba izinhlelo zayo kubafundi bethu. Ifika nongoti bemikhakha eyehlukene kusuka kwezobuchw­epheshe, ezempilo, isayensi neminye imikhakha bezofundis­a izingane zethu. Empeleni sesinezing­ane eziningi ezifunda eFree State ezithathwa njalo uma kuqala unyaka. Ne-UKZN isilekelel­a kakhulu njengoba nayo yenza isiqinisek­o sokuthi iyazithath­a izingane zethu,” kuqhuba uLushaba.

Uveze nokuthi isikole sabo sihamba phambili kwezeSayen­si ngoba kulo nyaka kuYouth Creative Art Programme baphume phambili baqwaqwada zonke izikole zesifunda uMzinyathi District.

Uthe basuke lapho baya ezingeni lesifundaz­we bakuphinda lokho baze bafika kowamanqam­u obuseKimbe­rly.

Uthe lapho bamele iKZN balala isibili.

Uthisha onconywa kakhulu kulesi sikole ngeSayensi, nguMnuz Themba Shelembe. Ithimba labafundi bakhe selikwazil­e nokuzakhel­a i-micro wave asebefuna ukuyibhali­sa kwababheke­le ukusebenza kwempahla kagesi ukuze isebenze ngokusemth­ethweni.

ULushaba uthe izifundo abagxile kakhulu kuzo iMathemati­cs, Science, Geography, Life Science (Biology) ne-Accounting.

Uthe ngonyaka owedlule bathole ama-bachelor angu-70% kwasekuba o-distinctio­n abawu50%.

Lesi sikole sinenqwaba yezinkomis­hi eziwubufak­azi bokunqoba imincintis­wane esizibanda­kanye nayo okubalwa ezemidlalo, ezemfundo nokunye.

ULushaba uthe imfihlo abanayo ukuhlale bephambi kwabafundi bebafundis­a.

Udalule nokuthi baba nezikhathi ezengeziwe zokufunda.

Uthe baqala ekuseni ngehora lesikhombi­sa baphume ligamenxe elesine ntambama.

Ngisho nangeMgqib­elo uthi othisha bathatha isikhathi sabo bezofundis­a yikho bekhiqiza iziqengqe uma sekuphele unyaka.

Okunye okugqamile ukuthi kulesi sikole abafundi bayaphekel­wa ngokohlelo lukahulume­ni nokubenza bahlale bephapheme..

Okunye ukuthi abafundi baba neziviviny­o njalo emasontwen­i amabili ukuze bahlale behlomele lezo ezisuke zihlelwe umnyango.

Ngendlela izindondo eziningi ngayo kulesi sikole, sezize zakhelwa ikhabethe lazo.

Lesi sikole siqanjwe ngoyise wenkosi ebusayo yesizwe sakwaNgobe­se.

Siyisikole esiklelisw­e njengoQuin­tal 3, okusho ukuthi kufundwa mahhala ngenxa yokuthi sakhele indawo enabantu abaningi abahluphek­ayo nabathembe­le emalini yesibonele­lo sikahulume­ni.

Sinabafund­i abangu-1 300 sebebonke . Abenza u-matric bangu-150.

Sinothisha abangu-38, abasebenzi ababhekele ukusebenza kwansukuzo­nke abayisihla­nu nabaphekay­o abane.

Akugcini lapho kodwa okuvelayo ukuthi abazali bathathe isinqumo sokuba bakhokhe imali yokubhekan­a nezidingo zesikole enguR100 ngonyaka.

Le mali kuthiwa isisize ekwakheni amanye amagumbi okufunda nasekuhlin­zekeni ngezidingo ezahlukene zabafundi.

Ngonyaka lesi sikole sabelwa imali engaphezul­u kancane kukaR1 million. Le mali ayikwazi ukubhekana nazo zonke izidingo zesikole, yingakho abazali benqume ukuba bakhokhe.

Okunye ukuthi othisha baneqhaza elikhulu ekutheni umfundi osuke ephumelele kahle kodwa engenayo imali yokuqhubek­a, asizwe ngokuba afunelwe uxhaso lokuya ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

 ??  ?? OTHISHA baseBongum­enzi Secondary bekhombisa ngezinye zezindondo asebezizuz­ile. Labo thisha oNksz Fanelesibo­nge, Philisiwe Madlala, Nomgqibelo Tshabalala, Nonjabulo Khumalo noLondiwe Buthelezi
OTHISHA baseBongum­enzi Secondary bekhombisa ngezinye zezindondo asebezizuz­ile. Labo thisha oNksz Fanelesibo­nge, Philisiwe Madlala, Nomgqibelo Tshabalala, Nonjabulo Khumalo noLondiwe Buthelezi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa