Bakhathazekile nge-IEC nokhetho
IDA isizwakalise ukukhathazeka ngokungaxhaswa ngemali enele kwenhlangano eyengamele ukhetho eNingizimu Afrika, i-Independent Electoral Commission (IEC), njengoba kubhekwe okhethweni lwango-2019.
I-IEC itshele iPhalamende ukuthi iswele imali yokuthuthukisa ezobuchwepheshe ukuze kuthi kufika ukhetho konke kube sekuhamba ngohlelo.
UMnuz Haniff Hoosen weDA, uthe bakhathazekile ngokungabibikho kwemali kwiIEC okufanele iqale amalungiselelo okhetho lwangonyaka ozayo.
“Sikhathazekile nge-IEC, asazi noma izokwazi yini ukwenza ukhetho olukhululekile njengoba ingenayo imali yokusebenza. Sicele iPhalamende ukuthi licelele i-IEC imali ukuze iqhubeke nomsebenzi wayo. Kufanele ibe nemali eyanele ukuze ukhetho lukhululeke,” kusho uHoosen.
I-IEC yaveza ukuthi kufanele ilungise imishini engu-32 000 ebizwa ngama-zip-zip okuyiyona esetshenziswa ukuqoqa imininingwane yomazisi babantu kanti lokhu kuzobiza uR369 million.
Yaphinde yathi ithole uR180 million ngonyaka wezimali ka-2017/2018 eMnyangweni wezaseKhaya kanti yona izoziqoqela u-R189 million.
Kulindeleke ukuthi i-IEC ixoxisane namalungu ePhalamende ngezinhlelo zayo zokhetho lwangonyaka ozayo.
I-ANC ithe ikhathazekile ukuthi abavoti abangaphezu kuka-1.3 million ngeke bavote ngenxa yokuhluleka ukubhalisa amakheli alapho behlala khona.
UNkk Kate Bapela we-IEC, uthe basazokwenza isinqumo ngodaba lwabavoti abangu-1.3 million abangenawo amakheli ukuthi banikwe isikhathi esengeziwe sokwenza lokhu.
NgoJuni ka-2016, iNkantolo yoMthethosisekelo yanquma ukuthi i-IEC kufanele yenze isiqiniseko sokuthi abantu babhalise amakheli alapho behlala khona.
Yanikezwa izinyanga ezingu-18 ukuba yenze lokhu ukuze kube nesiqiniseko sokuthi abantu bavota lapho behlala kugwemeke izinkinga zokuthuthwa kwabantu kwezinye izindawo, bayovotiswa lapho bengahlali khona.