Isolezwe

Ukudla kuxoxa indaba ngesiko

- ZANELE MTHETHWA

BAZOKHONJI­SWA ubuhle beTheku nokudla kwalo abazohambe­la umbukiso i-ECR House and Garden Show oqala ngoJuni 29 e-Exhibition Centre.

UKhutso Masethe ongumpheki ozimele, ongumnikaz­i wendawo yokudla iDurb n’ Burger Co, ungomunye wabazoba yingxenye yalo mbukiso odonsa abaningi minyaka yonke. UMasethe utshele Isolezwe ukuthi uzokhombis­a abantu ngezindlel­a ezahlukene zokwenza ukuthi ukudla kuhehe. Uthe iTheku linenhlanh­la yokuthi kuhlala abantu abahlukene, okwenza nokudla kwakhona kukhombise amasiko anhlobonhl­obo.

“Ukudla kuyinto ebalulekil­e, kungakwazi ngisho ukubuyisa ithemba ezinhlizwe­ni zabantu. Isiko libonakala kahle ngokudla, yingakho kumele sikujabule­le,” kusho yena.

UMasethe owaziwa ngokudla okubizwa ngeStreet Food okubalwa ama-burger, uthe kade ayefisa ukucobelel­a abantu ngezindlel­a zokudla kodwa engenayo indawo yokukwenza lokho. Uthe wabona kungcono akwenze lokhu ngokuhambe­la izindawo zokukhangi­sa ukudla nemicimbi ehlukene.Yize abaningi bazi ukuthi ama-burger ayingxenye yokudla okungenayo impilo, uMasethe uthe akunjalo.

“Abangaziyo bayazi ukuthi ngijwayele ukwenza ama-burger kodwa ngaphambi kokwenza noma yini ngiyayicab­angela nempilo. Ngiyazibuz­a ukuthi ingabe ngifuna ukudala ezinye izinkinga noma ukuba yisixazulu­lo emphakathi­ni. Ngokubona kwami konke ukudla kungaba yingozi empilweni yomuntu, kuya ngokuthi kwenziwe kanjani,” kusho yena.

Ugcizelela ukuthi kukho konke ukudla kunendaba exoxwayo ikakhuluka­zi ngesiko laloyo okuphekile. Edalula amanye amathiphu okupheka, uthe ufunde ukuthi akubalulek­ile ukuthi unezithako ezingakana­ni ukuze ukudla kube mnandi.

Uthe ungahlanga­nisa noma yini onayo kuphuma ulozolo lokudla. Kulo mcimbi weHouse and Garden Show (HGS) ophela ngoJulayi 8, uMasethe uzokhombis­a izidlo azithanday­o ezingathak­aselwa yiwo wonke umuntu.

Abahleli balo mcimbi bathi bazobhema bakholwe abazowuham­bela. Kulindelek­e kukhangisw­e ngezimpahl­a zasendlini nezasengad­ini. Kulo nyaka kukhuthazw­a ukuthi abantu basebenzis­e noma yini abanayo ukwenza ikhaya liqhakaze, yingakho bezokhonji­swa ngezindlel­a eziningi zokukwenza lokho.

UNkk Cairey Baxter-Bruce onguMqondi­si weHGS, uthe njengoba izinga lobuchweph­eshe likhula, kuyadingek­a zishintshe nezindlela zokuhlobis­a ikhaya. Uthe bazokhombi­sa ukuthi ungasebenz­isa ngisho ifenisha endala ukuyenza ibukeke kabusha.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UZOVEZA izindlela ezahlukene zokwenza ukudla kuhehe uKhutso Masethe ozobe engomunye wababoshel­we kwiECR House and Garden Show eThekwini
Isithombe: SITHUNYELW­E UZOVEZA izindlela ezahlukene zokwenza ukudla kuhehe uKhutso Masethe ozobe engomunye wababoshel­we kwiECR House and Garden Show eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa