UDube we-Arrows ubukela koweCity
UKUBEKEZELA kwesitobha seCape Town City FC esidlule ebunzimeni, kwenza uSiyabonga Dube odlalela iLamontville Golden Arrows aqonde kangcono ukuthi inzima indlela eya empumelelweni.
UDube, oyisiqongqwane sesitobha kuBafana Bes’thende, uthe ukuhlukumezeka kukaThamsanqa Mkhize, kumenze wabuka impilo ngenye indlela. UMkhize ujoyine i-Orlando Pirates ngo2016 ababevumelane nayo ngenkontileka yeminyaka emithathu.
IBucs ishaye ungqimphotho ngemuva kokufika kukaMuhsin Ertugral ngonyaka ofanayo. Lo mqeqeshi odabuka eTurkey watshela izikhulu zaleli qembu ukuthi uMkhize akulona uhlobo lomdlali amdingayo.
Lokhu kwaholela ekutheni uMkhize achithwe engakazilolongi ngisho nePirates, waqala phansi wafuna iqembu elisha. Nokho iCape Town City yagcina imsayinisile. Sekungumlando ukuthi ufike washaya into ecomeke, waze wadlalela iBafana Bafana abe yingxenye yayo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
UDube we-Arrows, odlala indawo efanayo noMkhize (njengoba begijima kwesokudla emuva), uthe okwenzeke kuDube kumenza abe nogqozi lokuthi ukubekezela kuzala impumelelo.
“Umuntu engingathi ngibukela kuyena, uThami (Mkhize). Okwenzeke kuyena kwaba buhlungu kakhulu egileka kwiPirates kodwa wavuka wazithatha. Ukube omunye umdlali ngabe sekwaphela ngaye. Namhlanje udlala kwiBafana Bafana, futhi ushaya into ecokeme. Ngiyayithanda nendlela adlala ngayo, kuningi engikubukela kuyena,” kusho uDube oyisikweqe sesitobha.
I-Arrows ivule ngoMsombuluko, njengoba iqale ngosuku olufanayo ukuziqeqesha ilungiselela isizini entsha. Ngesizini edlule Abafana Bes’tshende bayivale kwiTop 8. Kule sizini ezoqala ka-2018/2019, uDube uthe unesifiso sokuthi okungenani banqobe isicoco esisodwa.
“Ukukhuluma nje iqiniso, besingakahlali phansi njengeqembu saxoxa kahle esifuna ukukuzuza kodwa isifiso sami ukuthi okungenani sinqobe isicoco esisodwa kule sizini ezoqala,” kusho uDube oveze ukuthi kule mpelasonto bazoba nomqhudelwano abawuhlelile bengabafana baseLamontville abagijima kwi-Arrows.
Lo mqhudelwano ubizwa ngeDube Sibiya Sibeko Youth Tournament, uzoba kwaGijima Sports Grounds, eLamontville ngoMgqibelo. Lo mqhudelwano uwuhlele noNduduzo Sibiya noSbusiso Sibeko abagijima naye kwi-Arrows. Kuzoqhudelana u-Under 12, Under 14 no-Under 19.