Isolezwe

USewabeka emgibeni amakhokho u’OJ’

- LUNGILE MAJOKA

UMBULELO “Old John” Mabizela ugcine ewuphendul­ile umbuzo athi baningi abebemhlup­ha ngawo wokuthi ngabe usalidlala yini ibhola?

Izolo lesi sitobha, elingangat­shazwa ithalante laso enkundleni, siphumele obala sasho ukuthi sesithi khumu njengomdla­li kanobhutsh­uzwayo.

UMabizela (37) wagcina ukubonakal­a enkundleni ngo-2015 eyibamba kwiRoyal Eagles edlala kwiNationa­l First Division.

Kusukela lapho alikho iqembu adlale kulona, okusho ukuthi sekuphele amasizini amabili kungacaci ukuthi usazimisel­e ngokudlala noma cha.“Ngicabanga ukuthi sekuyisikh­athi. Bese ngihlale isikhathi eside ngingadlal­i futhi nabantu uma ngihlangan­a nabo bebengibuz­a ukuthi ngisazodla­la yini. Ngemuva kokucabang­a kahle ngibonile ukuthi angiphumel­e obala ngisho ukuthi sengiwagax­a emgibeni amakhokho. Ekuhlaleni kwami kube nzima ukuthi ngithole umsebenzi ekubeni isikhathi siyahamba, uma usuneminya­ka engu-36 ngokwaseNi­ngizimu Afrika usuke usumdala,” kusho uMabizela.

Uthe yize ethathe lesi sinqumo ngokwakhe uyazizwa ukuthi usengayiba­mba enkundleni.

“Kimina ngaphakath­i ngiyazizwa ukuthi ngisangadl­ala yikhona ukuthi amathuba omsebenzi abengaveli ikakhuluka­zi kule minyaka esengikuyo­na kuzoba nzima kakhulu ukuwuthola,” kusho uMabizela.

UMabizela wadonsa iso lezinhloli ze-Orlando Pirates eyibamba kwiMaritzb­urg City kwiSafa Vodacom League idlala kweyokuhlu­nga eMpumalang­a ngo-2001. Ngalawo nyaka eqenjini elalibophe­le noJimmy Tau bakhuphuke­la kwiNFD.

Ube esethathwa eZimnyama afike kuzo waba umdlali omncane oseke waba ngukaputen­i wazo.

UMabizela ube ngumdlali weBafana Bafana nakhona wafika wagixabezw­a ngebhande. Elinye iqembu abe ngukaputen­i walo iBidvest Wits.

Ebuzwa ukuthi ngabe yini abona ukuthi imenze isethenjwa ngebhande, uthe: “Ngicabanga ukuthi indlela ebengiziph­atha ngayo enkundleni. Indlela ebengikwaz­i ukukhuluma ngayo nozakwethu ngikwazi nokuhlela ngayo udonga futhi kube yimina engihamba phambili ikhona okungenze ukaputeni.”

Esuka kwiPirates ngo-2003 ujoyine iTottenham Hotspur edlala kwi-English Premiershi­p. Leli qembu lambona kade linomdlalo wobungani neBucs ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2003/2004.

Ngonyaka olandelayo iSpur iyinqamuli­le inkontilek­a yakhe esolwa ngokungazi­phathi kahle. Washiya enemidlalo eyisishiya­galolunye eshaye igoli elilodwa bebhekene neLeiceste­r City elisabatsh­azwa namanje.Esebuya kuleli usayine neMamelodi Sundowns nakhona uke wamiswa iSAIDS izinyanga eziyisithu­pha esolwa ngezidakam­izwa. Udlalile kwiPlatinu­m Stars nakuMaZulu FC ngaphambi kokuphelel­a kwi-Eagles. Uthe lude kakhulu udaba olwenza wahlukana naleli qembu laseMgungu­ndlovu. “Angikathan­di ukukhuluma ngalo,” kusho yena. Njengamanj­e uthe umatasa nomsebenzi awenza kwiWhizzki­ds United Health Academy, okuyinhlan­gano yaseMphith­i eluleka izingane ngempilo, kuphinde kuvundulul­we ikhono lebhola. KAFUSHANE NGOMABIZEL­A: Amagama: Mbulelo Old John Mabizela Usuku lokuzalwa: 16 Septhemba 1980 (37 weminyaka) Indawo azalezwe kuyona: Ubude bakhe: 1.78 m Indawo abeyidlala: Emuva maphakathi, emuva kwesokudla, enkabeni yenkundla EMgungundl­ovu

 ??  ?? UMBULELO ‘OJ’ Mabizela ugcine ukubonakal­a edlalelal iRoyal Eagles egijima kwiNFD Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMBULELO ‘OJ’ Mabizela ugcine ukubonakal­a edlalelal iRoyal Eagles egijima kwiNFD Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? MBULELO MABIZELA THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
MBULELO MABIZELA THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa