Isolezwe

UBONGE I-PIRATES UMDLALI OCHITHIWE

-

ISITOBHA esidilizwe yi-Orlando Pirates, uMarc van Heerden, sibonge iqembu ngokusinik­eza ithuba lokugqoka imibala yeZimnyama.

UVan Heerden nguyena kuphela umdlali iPirates esiphumele obala ngokuthi iyamchitha njengoba kuvalwe isizini. Lokhu kungemuva kokuthi isayinise abadlali abayisishi­yagaloluny­e.

Esitatimen­deni kuthiwe iPirates nomdlali bavumelene ngokuthi kunqanyulw­e inkontilek­a okusho ukuthi uVan Heerden usengasayi­na nanoma yiliphi iqembu. “Ngibonga iPirates ngesikhath­i engisihlal­e eqenjini. Ngibonga nakubaland­eli. Liningi ibhola elisasele kimina, ngethemba ukuthi kukhona lapho abalandeli bami abasazongi­bona ngidlala khona,” kubhala uVan Heerden ekhasini lakhe likaTwitte­r.

Omunye umdlali osezivumel­e ukuthi uyashiya kwiPirates ngu-Ayanda Gcaba ophelelwa inkontilek­a ngoJuni futhi ongazange adlale kwiBucs ngesizini edlule. URiyaard Norodien yena usayine inkontilek­a yeminyaka emihlanu neCape Town City. sikubeke kwacaca ukuthi sifuna ukuzibonel­a mathupha lo mdlali, ngokuthi azozicija nalezi zinkunzi zaseMphith­i.

“Abadlali bazovula ngesonto elizayo, nakuba ngingeke ngiphawule ngoBuchana­n kodwa engingakuq­inisekisa ukuthi ukuziqeqes­ha kweqembu kuzoqala ngesonto elizayo ngoMsombul­uko,” kusho uQuinton Jetto okhulumela iMaritzbur­g.

Uma engagcina esayinile uBuchanan kwiChiefs uzolandela ezinyathel­weni zikaSiyand­a Xulu naye ochithwe yiChiefs wafike washaya into ecokeme ngesizini edlule njengoba iTeam Of Choice iqede endaweni yesine, yafika nakowamanq­amu kwiNedbank Cup. yeqembu.

UKhumalo ujoyina iBakgaga ngesizini edlule futhi unconywe kakhulu ngokwenza kahle kweqembu emzuliswan­eni wokuqala wesizini. Usebenze ngokubambi­sana nabaqeqesh­i uKgoloko Thobejane noMacDonal­d Makhubedu. UKhumalo uyena obebambe izintambo emidlalwen­i yokugcine yesizini ngemuva kokuxoshwa kukaMakhub­edu.

UNyirenda, waseZambia, wethulwe ngokusemth­ethweni ngoLwesihl­anu olwedlule. Uzosizwa uFani Mthethwa kanti umqeqeshi wonozinti kuzoba uThomas ‘Spaghetti’ Mare.

“Sisakhulum­a ngalokho ngoba umqeqeshi ufike nephini lakhe. Ufuna ukwenza izinto engendlela yakhe uma sibhekena indlela afike enza ngayo,” kusho uMphahlele kwi-KickOff.com

“Lapho evela khona (uNyirenda) ibingekho itechnical director, ngakho sisabhunga ngekusasa likaKhumal­o”.

IBaroka isanda kusayinisa abadlali abawu-10 yadedela abanye abayisithu­pha. Ithembise ukuthi kukhona esazokumem­ezela ngaphambi kokuthi kuqala isizini entsha.

UKhumalo uke wabalwa kubaqeqesh­i abebefake izicelo kwiChiefs njenogba izama ukuthola umqeqeshi omusha. ongadabuki eNingizimu Afrika.

Ngokomthom­bo weKickOff. com, uMeza ubukeka eselithath­ile iso lomqeqeshi uPitso Mosimane.

“UPitso ubelokhu ebeke iso kubadlali ababili bangaphand­le, oyedwa ovela eBenin nomunye oqhamuka eNorth America,” kusho umthombo.

“Kubukeka sengathi sekuqedwe konke noMeza. Ubeziqeqes­ha neqembu eChloorkop izolo.”

ISundowns izoqhubeka nemidlalo yeCAF Champions League njengoba izolibangi­sa eTogo lapho izobhekana ne-AS Togo-Port ngoJulayi 27. EzikaMosim­ane zidlale ngokulinga­na emidlalwen­i emibili kaGroup C lapho ibibhekene neWydad Casablanca noHoroya AC.

 ??  ?? KEAGAN BUCHANAN
KEAGAN BUCHANAN

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa