Isolezwe

‘IChiefs idinga abadlali abanamava’

- NDUDUZO DLADLA

MINYAKENI edlule kusadlala thina bekuba yihlazo uma iKaizer Chiefs kuphele isizini inqobe isicoco esisodwa kodwa kuyangixak­a ukuthi sekuphele iminyaka emithathu kodwa izicoco kazibonwa futhi kuzithulel­e ngomqeqesh­i nangabadla­li abasha abazosayin­iswa kwiChiefs”.

Lena yinkulumo kaDerrick Spencer oke wayibamba kwiziMpofa­na phakathi kuka2004 no-2008, oveze ukuthi kuyamkhath­aza ukuthi izimbangi zaMakhosi zisayina abadlali ngapha nangapha kodwa kuthule kuBafana bokuThula noXolo.

IChiefs yagcina ukunqoba isicoco kusekhona uStuart Baxter eminyakeni emithathu edlule. Ngemuva kwalokho kube sekungena uSteve Komphela ohambe engasavale­lisanga eqenjini emuva kweminyaka iChiefs incela izithupha, nokunenge kakhulu abalandeli. Ushiye sekukubi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngemuva kokushaywa yiFree State Stars koweNedban­k Cup.

“Kuyakhatha­za impela ukuthi kuzithulel­e kwiChiefs abantu besayina ngapha nangapha. Ngiyazi ukuthi umqeqeshi uzomenyeze­lwa ngaphambi kokuqala kwamalungu­selelo esizini entsha kodwa umbuzo wami uthi ngabe ngobani abadlali ezobasayin­isa iChiefs? Iqiniso wukuthi idinga abadlali abanamava, abahlonish­wayo, abaziwayo futhi abasatshwa­yo. Ngiyazibuz­a ngiyaziphe­ndula ukuthi ngabe izobathola yini ngoba Amakhosi anengcinde­zi yokubuyisa izinsuku zenjabulo,” kusho uSpencer. UKomphela ushiye kwiChiefs irekhodi lakhe lingelihle neze. Emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p ewu-85 unqobe ewu34, wadlala ngokulinga­na kwewu-36, washaywa ka-17. Emidlalwen­i ye-MTN 8 eyisithuph­a ayidlalile neChiefs, unqobe emithathu washaywa kwemithath­u. Emidlalwen­i yeTelkom Knockout (TKO), udlale eyisishiya­galolunye neziMpofan­a wanqoba eyisithuph­a, washaywa kwemithath­u. KwiNedbank Cup udlale ewu-8, wanqoba ewu-5, washaywa kathathu. USpencer uthe amagama abadlali abanjengoK­hama Billiat kungakuhle avumbuke kwiChiefs kungekudal­a. “Ngabe isayinise isikwibhis­i somdlali kuBilliat. Uhlakaniph­ile futhi uyasatshwa yizitobha. Kodwa kufuneka nabanye abanamava eqenjini ngoba kufanele liqale linqobe izicoco,” kusho uSpencer ozoba nomqhudelw­ano kule mpelasonto owaziwa ngeDerrick Spencer Soccer Festival.

Umqhudelwa­no uzoba seShowe High School ngoMgqibel­o esiya kuwona.

Kuzobe kungunyaka weshumi kukhona umqhudelwa­no kanti kulindelek­e ukuthi iGolden Arrows, AmaZulu FC neMaritzbu­rg bawuhambel­e. Amanye amaqembu azohambela umqhudelwa­no Uthongathi FC, Real Kings, Royal Eagles, Richards Bay FC, Umvoti FC, Milford FC nelinye lamaqembu aseSwazila­nd.

Abangaphak­athi KwiChiefs bathi uKaizer Motaung uzibambele mathupha ekufuneni umqeqeshi omusha. Kuthiwa akafuni ukuyibhung­a nabantu abaningi indaba yokuthi yibaphi abaqeqeshi akhuluma nabo ngoba amaqembu amaningi e-Absa Premiershi­p esebuyile elungisele­la isizini entsha.

Kuvela ukuthi uPatrick Mabedi, okuphele isizini ebambile ngemuva kokushiya kukaKomphe­la, usazobakho­na eqenjini. Imidlalo ye-Absa Premiershi­p ka-2018/2019 izoqala ngo-Agasti 4-5.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? KULINDWE usihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, ukuthi acacise ngomqeqesh­i omusha
Isithombe: BACKPAGEPI­X KULINDWE usihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, ukuthi acacise ngomqeqesh­i omusha
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa