Aziyizwa izinyunyana eyokuvinjwa kothisha
ZICHITHA isiphakamiso sokuthi othisha bangateleki izinyunyana zothisha kuleli njengoba zithi akekho umfundi ongafa uma kunesiteleka.
Lokhu kulandela isiphakamiso esenziwe yilungu le-Freedom Front Plus, uMnuz Anton Alberts, sokuthi kungatelekwa ezikoleni noma eduzane nezikole.
UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengameli weNatu, uthe bayasichitha lesi siphakamiso ngoba othisha bahlale besebenza, bebuyisa isikhathi esilahlekile uma bekuneziteleka emphakathini.
Uthe uma sekunezigcawu zomphakathi zokuthi uxoxe ngalesi siphakamiso bazophuma bayophikisana naso. “Abazali kumele bakhulume ngezinto eziningi ezithinta ezemfundo. Uma imali ingangenile yezikole, kungekho ukudla ezikoleni ngoba kungakhokhiwe, bengakhokhelwe othisha bakwaGrade R noma engakhokhelwe amabhasi kumele babange umsindo. Akukho mfundi ongafa uma kunesiteleka ngoba akufani nasezibhedlela lapho kungashona khona abantu uma kunesiteleka,” kusho uThompson.
Uthe kumanje othisha bayasebenza, bayavolontiya ezikoleni njengoba kungamaholidi kanjalo nangezimpelasonto.
“Ingakho kungamele njalo kuhlale kubhekwe izinto ezizocindezela othisha ekubeni bahlale bezimisela, besebenza mahhala,” kusho uThompson.
UNobhala Jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe kuyilungelo layo iFreedom Front Plus ukuthi ifake isiphakamiso esifuze lesi.
Uthe bayasichitha lesi siphakamiso, wathi bazokwenza izethulo uma sekunezigcawu zomphakathi.
“Akekho umuntu ongafa uma othisha besesitelekeni. Sizophawula kabanzi kodwa uma sekufike isikhathi,” kusho uMaluleke.
Okhulumela umnyango weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe izwe lilandela umgomo we-International Labour Organization, ekubeka kucace ukuthi labo abathathwa njengabavumelekile ukuthi bateleke basuke besebenza ngaphansi kwamuphi umkhakha.
Uthe ezemfundo azikho ngaphansi kwalo mkhakha ngoba akekho umuntu ongafa uma kunesiteleka.
Uqhube wathi mancane amathuba okuthi singaphumelela lesi siphakamiso ngoba yinto abamaqembu aphikisayo abayiphakamisa njalo bese bengasho lutho ngayo.