Uvume ubudedengu be-Eskom ngolamaholo
USIHLALO webhodi lwakwa-Eskom uvuma ukuthi babe budedengu ngodaba lwamaholo lwabasebenzi, okuholele ekutheni bangenele isiteleka emasontweni amabili edlule.
UMnuz Jabu Mabuza ubekhuluma izolo esithangamini seBusiness Leadership South Africa (BLSA) eThekwini, lapho eneke khona ukushuba kwesimo kulesi sikhondlakhondla senkampani. UMabuza ogcizelele ukuthi ukhathazekile ngekusasa lakwaEskom, uthe kwakungamele kushiwo ezingxoxweni zezinyunyana ukuthi ngeke anyuke amaholo kubasebenzi nonyaka. Ubelokhu egcizelela ukuthi imali ayikho kwa-Eskom futhi uma osomabhizinisi bengangeneleli ukutakula, ikusasa libukeka lifiphala.
“Ziningi izindlela okukhulunywe ngazo zokuzama ukunciphisa izikweletu kodwa kwagqama udaba lokunganyuswa kwamaholo. Kube yiphutha kwasekuqaleni indlela udaba olubekwe ngayo, yingakho izinyunyana zicasukile. Okucasula abasebenzi nezinyunyana ukuthi bayazi ukuthi u-Eskom uke waba nezikhulu eziko-80 kodwa kuyethusa uma sezibalelwa ko-600. Isimo sabaphathi benkampani nezinyunyana simuncu kakhulu, angazi sizolungiseka kanjani,” kuchaza uMabuza.
Izolo ubephuthuma emhlanganweni webhodi obizwe ngokushesha ukuxoxa ngezindaba zamaholo njengoba kuzobuyelwa ezingxoxweni nezinyunyana kusasa. Ugcizelele ukuthi izingxoxo zokunyuka kwamaholo nokudilizwa kwabasebenzi akumele kukhulunywe budedengu.
“Angifuni ukuthembisa ukuthi yini ezokwenzeka ngezingxoxo ngoba kumanje asikayikhulumi neyokuthi limi kanjani ikusasa lakwa-Eskom. Yize kubalulekile ukuthi abasebenzi bangadilizwa, okubaluleke kakhulu ukutakula u-Eskom,” kusho yena.
Uthe imali ayikho kule nkampani futhi sebelahlekelwe nangamakhasimende. Uveze ukuthi sekunzima nokuqoqa izikweletu komasipala ngoba bambalwa abasasebenza nabo. Ugcizelele ukuthi umyalelo kaNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uPravin Gordhan, emva kwesiteleka sabasebenzi ubuthi akuxoxwe, hhayi ukuthi akwenyuswe amaholo ngamaphesenti athize.
Isiteleka sabasebenzi sifake itwetwe kwabakuleli njengoba kuke kwanqamuka nogesi ezindaweni ezithize. Kubikwe nokuthi abasebenzi abatelekile baphazamise neziteshi ezithize zikagesi nengqalasizinda. Izinyunyana ezisesitelekeni kubalwa iNational Union of Mineworkers, neNational Union of Metalworkers of South Africa ezifuna amaholo anyuswe ngo-9 kuya ku-15%. Le nkampani igcine iphakamisa ukuwenyusa ngo-4.7%. Abasebenzi bangenele isiteleka emuva kwesimemezelo sokuthi ngeke anyuke nhlobo amaholo abasebenzi ngenxa yesimo sezimali.