Ukusiza intsha sikubeke eqhulwini
Ngisika elijikayo
UMSEBENZI woMnyango wezeMpilo wukuqinisekisa impilo ende nenhle kuzo zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika kuhlanganisa nabantu abasha. Ukulethela intsha izinsiza zezempilo nokuyisiza ukuthi izithole kalula nangokukhululeka – ngaphandle kokwehlulelwa nokujivazwa – ngenye yezinto esizibeke eqhulwini nezizosinika enkulu inzuzo ukuze sibe yisizwe esiphilile.
Uma intsha ithatha izinqumo zezempilo eziphusile lokhu kuzokwenza abantu bakithi baphile kahle nakade, kusimame nomnotho wezwe lakithi.
Nokho sekuvelile ukuthi intsha isesengcupheni yokungenwa yizifo ezithelelana ngokuya ocansini okubalwa kuzo i-HIV, ukukhulelwa okungahlelelwe, nokukhahlazwa wuphuzo oludakayo nezidakamizwa.
Sesitholile-ke ukuthi enye yezingqinamba ebulala ikusasa lentsha iphinde inqinde nelungelo layo lokuthola izinsiza zezempilo yisinembekezelo ebekwa sona wumphakathi nendlela okusetshenzwa ngayo kwezinye izikhungo zezempilo.
Ngeshwa, ngenxa yokungaqeqesheki kahle kwabasebenzi bezempilo intsha efisa ukuhlela umndeni; ekhulelwe; enezifo ezithelelana ngokuya ocansini; edinga imishanguzo; nedinga ukukhipha izisu (okuyilungelo elivikelwa wuMthethosisekelo wethu) ngenxa yokukhulelwa okungahlelelwe, kuyenzeka izizwe inesinembekezelo ezikhungweni zethu.
Ngenhlanhla siwuhulumeni olalelayo, yingakho ngoDisemba 14, 2015 sathula umkhankaso obaluleke kakhulu i-Adolescent and Youth user-Friendly Services (AYFS) eZwart-Umfolozi Clinic esiFundeni saseZululand. Leli elinye lamasungqangi okungenelela eliholwa ngu-Nksz Zanele Hlatshwayo no-Nksz Monica Jama ophikweni lweNtsha eMnyangweni wethu.
Kuyasithokozisa ukusho ukuthi uMkhandlu kaZwelonke wezeMpilo ngo-Ephreli 7, 2017 uthathe uhlelo lwe-AYFS wathi yilo eseluzolandelwa njengomkhankaso kazwelonke ukugqugquzela abantu abasha ukuba bahambele izikhungo zezempilo ukuze basheshe bahlolwe benzela ukuzivikela ukuze kunciphe ukubhebhetheka kwe-HIV nokukhulelwa okungahleliwe emantombazaneni.
Ukuze izidingo zezempilo zifinyelele kalula kubantu abasha nabasebancane, abasebenzi bezempilo bahlangane nentsha kwavunyelwana ngeqhinga le-Happy Hour. Phezu kokuthi izikhungo zezempilo zivuleleke kubantu abasha ngaso sonke isikhathi, i-Happy Hour iyisikhathi esikhethekile sokuba abantu abasha beze emitholampilo.
Ngikhuluma nje sesiqeqeshe abahlengikazi basezikhungweni zezempilo eziwu-389 KwaZuluNatal. Baqeqeshwe izinsuku ezinhlanu, becijwa eminxeni emithathu enqala:
• Izigaba ezehlukene zokukhula kwengane ngokomzimba nokomqondo, nokubaluleka kokuxhumana ngendlela efanele nengane edinga izinsiza zezeMpilo; IKHASI ELIKHOKHELWE
• Imithetho nemigomo yezempilo elindeleke kubasebenzi bezempilo; kanye
• Nokuhlengwa kwentsha enezidingo zezempilo ezibucayi.
Ukuqeqeshwa kwabahlengikazi sekukhombise enkulu impumelelo nenzuzo kangangokuthi kunentsha esizisholo yona ukuthi emtholampilo nasezibhedlela sekufana nasekhaya ngenxa yokuthi izizwa yamukelekile.
Nabahlengikazi bazisholo bona ukuthi impilo yabo kayisafani emsebenzini ngoba sebekwazi ukubhekana nanoma yiziphi izingqinamba zezempilo yentsha ngaphandle kokuyehlulela.
Bonke abahlengikazi abaqeqeshiwe sebeyizishoshovu ezishayela izinhlobo ezehlukene zokuguqula indlela yokusebenza ezikhungweni zabo zezempilo, okungabalwa kuzo: ukususwa kwezithiyo ebezenza intsha yesabe ukuza emitholampilo nasezibhedlela; ukubekwa kwe-Happy Hour; ukubhekisiswa nokubekwa phambili kwalabo abanezimo noma izidingo zezempilo ezibucayi neziphuthumayo; ukulungiswa kwezindawo ezisesithe zokuxhumana nentsha edinga usizo ukuze ikhulume ngokukhululeka, ngaphandle kokuthi izwiwe ngabanye; izihlelo zokufundisa intsha ngezempilo ukuze ikwazi ukuthatha izinqumo eziphusile ngempilo yayo, njengokuzithiba ekuyeni ocansini, ukubaluleka kokusoka kwabesilisa, ukusebenzisa ama-condom nokuhlela umndeni; sekuqalwe namathimba okubhekana nezempilo yentsha (AYFS Youth Care Clubs) lapho intsha izizwa iyilungu lomndeni futhi icijane yodwa nangokubambisana nabahlengikazi ngezindlela zokuphila okufanele.
Yonke le misebenzi emihle kangaka izovela ebhukwini esizolishicilela khona maduze nje elizoqhakambisa iqhaza elibanjwe ngabahlengikazi empumelelweni yalolu hlelo.
Inhloso yethu wukuthi kungabi khona ngisho noyedwa umuntu omusha okhulelwa engaqondile ngoba esabe ukuzocela amacondom; amaphilisi noma umjovo wokuhlela umndeni.
Kodwa uma kwenzeka ekhulelwa futhi engafuni ukutetakufanele akwazi ukusebensiza ilungelo lakhe elivikelwa wuMthethosisekelo lokukhipha isisu ngendlela ephephile nenesithunzi, ngaphandle kokwesaba ukuthi uzokwehlulelwa.
Kuyinhloso yethu futhi ukuthi kungabi khona ngisho noyedwa umuntu omusha ozohlala ekhaya ebe enesifo esithelelana ngokuya ocansini engezi ukuzohlolwa athole imishanguzo ngoba esaba ukuza emtholampilo.
UDkt Sibongiseni Dhlomo uwuNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal.