Sekubanjwe umoya ngeSenegal kweyoMhlaba
KUNGENZEKA ukuthi iSenegal izigwaze ngowayo ngokudedela amaphuzu amathathu ngesikhathi igcina ibambane ngo 2-2 neJapan emdlalweni wayo wesibili kuGroup H ngempelasonto.
ISenegal, eyiqale kahle iNdebe yoMhlaba ebanjelwe eRussia ishaya iPoland ngesonto eledlule, ihambe phambili kwaze kwayikabili kulo mdlalo obuse-Ekaterinburg, eRussia kodwa kuzona zombili izikhawu yavumela izitha zabuya. Lo mphumela awuzange uyisize njengoba iColombia eyashaywa iJapan emdlalweni wokuqala ivuke yazithatha, iqumba phansi iPoland ngo 3-0. Lokhu sekuphoqa iTeranga Lions ukuthi nakanjani ithole amaphuzu uma isibhekene neColombia emdlalweni wokugcina wamaqoqo ngoLwesine ngo-4 ntambama.
ITeranga Lions inamaphuzu amane kuGroup H. Phezulu kuqhwakele iJapan ngamaphuzu alinganayo kuthi endaweni yesithathu kuhlale iColombia ngamathathu.
Leli qembu eliyithemba le-Afrika lokudlulela kwi-Last 16, ukudlala ngokulingana emdlalweni wokugcina kungaliweza.
ISenegal yayigcine ukudlala kwiNdebe yoMhlaba ngo2002 lapho yafinyelela kumaquarterfinal. Uma ingalungisa amaphutha emuva njengoba kubonakele emdlalweni weJapan, bese iqhubeka nokuvalela amagoli, ingazithola isethubeni lokuqhubeka nomgqigqo ongcono kulo mqhudelwano kunamanye amazwe ase-Afrika.
Emazweni amahlanu abemele leli lizwekazi, iSenegal neNigeria yiwona amazwe asethubeni lokungena esigabeni somkhumulajezi.
INigeria ihlule i-Iceland ngempelasonto okuyinikeze amaphuzu amathathu. Sekumele ishaye
i-Argentina noma badlale ngokulingana namuhla eSaint Petersburg ngo-8 ebusuku. ISuper Eagles uma ibamba i-Argentina kuzobe sekuphelile ngaleli qembu elibophele isilomo somhlaba, uLionel Messi, njengoba lisaqoqe iphuzu elilodwa emidlalweni emibili. INigeria izobe isimincela ukuthi i-Iceland ingawini kwiCroatia.
I-Egypt, iMorocco neTunisia bashaywe kuyona yomibili imidlalo yamaqoqo okusho ukuthi kuleli sonto sebedlalela ukugcina icala bese bebona abafika ngayo. Imidlalo yanamuhla: Ngo-4pm: Denmark v France; Australia v Peru
Ngo-8pm: Iceland v Croatia; Nigeria v Argentina