Ufuna ukulumana indlebe noMosimane
UMGADLI weMamelodi Sundowns, uJeremy Brockie, uthe uzozama ngakho konke okusemandleni ukuthi lingakapheli isonto, acele ukuba nomhlangano okhethekile nomqeqeshi wamaBrazilians, uPitso “Jingles” Mosimane.
UBrockie utshele Isolezwe ukuthi inhloso yomhlangano noPitso wukuthi azibuzele mathupha kulo mqeqeshi ukuthi ngabe yikuphi lapho okufanele alungise khona ukuze akwazi ukuqala imidlalo ngoba akazimisele ngokukhuhla ibhentshi ngesizini ezoqala. Selokhu efike kuBafana Ba Style ngoJanuwari nonyaka, uBrockie akakabingeleli kubalandeli baleli qembu ngendlela efanele njengoba engakayibhakuzisi inethi.
UBrockie uzakhele igama kwiSuperSport United ngokushaya amagoli njengoba eyishiye eshaye angu28 emidlalweni engu-81.
Selokhu efike kwiSundowns usadlale imidlalo embalwa kwi-Absa Premiership esuka ebhentshini, neminye embalwa ayiqalile kwiNedbank Cup.
“Ngifike iqembu lenza kahle futhi lisesicongweni seligi. Lokhu bekusho ukuthi ngeke kube lula neze ngoba iningi labadlali belisefomini. Bekufanele ngilinde ithuba lami ngizibonakalise. Ngiyidlalile imidlalo embalwa ngisuka ebhentshini kodwa kuze kube yimanje angikwazanga ukubhakuzisa inethi. Izindaba ezinhle wukuthi iqembu liqalile izolo (ngoMsombuluko) ukuzicijela isizini entsha, nginethemba lokuthi izinto zizoshintsha ngoba sengijwayele eChloorkop,” kusho uBrockie.
UBrockie uthe nakuba uMosimane engakujwayele ukukhuluma nomdlali ngamunye kodwa uzomcela balumane indlebe ngoba inhloso yakhe ufuna ukuthi azazi ukuthi ubuthaka kuphi, nokuthi kulaphi lapho afuna alungise khona ukuze aqale imidlalo.
“UPitso ukholelwa ekutheni akhulume nabadlali bonke ngesikhathi esisodwa. Into enhle ngaye ukuthi uyakwazi ukumcela eceleni ukhulume naye. Lokhu ngizokwenza lingakapheli isonto (esho leli esikulona), ngoba ngifisa angilekelele ukuthi ngabe kukuphi lapho ngisashoda khona. Mina ngokwami ngibona ukuthi isitayela seDowns neseSuperSport asifani yingakho ngidonse kanzima. Iqembu lizoya ekhempini eRustenburg, kulapho ngizohlala khona phansi naye (uPitso) ngizwe ukuthi sibekana kuphi,” kusho uBrockie oke wagijimela amaqembu ase-Australia naseCanada.
Kungenzeka izinto zimhambele kahle uBrockie kwiDowns njengoba uKhama Billiat esesayine neKaizer Chiefs kanti noPercy Tau ukhonjwa emaqenjini aphesheya kwezilwandle.
Khonamanjalo iChiefs imemezele uVirgil Vries njengonozinti wayo ozolekelela u-Itumeleng Khune. UVries usanda kuchithwa yiBaroka FC.