Isicelo sabakwaSPCA sezigidi sisuse umsindo emkhandlwini
KUSUKE umsindo phakathi kwamakhansela e-ANC neDA emkhandlwini weTheku mayelana nesicelo sabakwaSPCA sokuthi banikwe izigidi zemali umasipala ukuze bakwazi ukuqhuba umsebenzi wabo wokuqoqa izinja namakati awuvanzi emphakathini.
AbakwaSPCA bafuna imali engaphezu kukaR13 million ozosebenza iminyaka emithathu ukuze bakwazi ukuqhuba umsebenzi wabo. USotshwebhu wamaKhansela e-ANC eThekwini, uNkk Nelly Nyaniso, usabise ngokuthi bazolunqamula uxhaso lwakaSPCA uma bengasabalali nasezindaweni zabantu abamnyama.
“Amahhovisi akwaSPCA asezindaweni zabantu abamhlophe, awekho ezindaweni zabantu abamnyama kodwa basizwa imali yabakhokhi bentela,” kusho uNkk Nyaniso. USomlomo eMkhandlwini weTheku, uMnuz William Mapena uthe noma ngabe kuthiwa bayawuxhasa uSPCA kodwa akumele imali abazoyithola bakhokhele ngayo izisebenzi.
“Imali uma siyikhipha kumele yenze umsebenzi wokuqoqa izinja namakati, hhayi ukuthi iholele izisebenzi neziphathimandla zakwaSPCA,” kusho uMapena.
Uthe uSPCA unabaxhasi abaningi, awuthembele emkhandlwini kuphela.
Imikhandlu iyabaxhasa abakwaSPCA ukuze bakwazi ukuqoqa izinja namakati ahluphayo emphakathini.
USihlalo wekhokhasi yeDA eMkhandlwini weTheku, uNkk Nicole Graham uthe inkulumo engaphusile ukuthi kuthiwe abakwaSPCA basiza kakhulu abantu abamhlophe.
“Noma engekho amahhovisi abakwaSPCA ezindaweni zabantu abamnyama kodwa bayafika ezindaweni uma bebiziwe,” kusho uNkk Graham.
Uthe imikhandlu iphoqwa umthetho ukuthi ixhase ngemali abakwaSPCA.
“AbakwaSPCA kumele banikwe imali bayisebenzise lapho kunesidingo khona, akumele batshelwe ukuthi kumele bayisebenzise kanjani,” kusho uNkk Graham.
IMeya yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, ithe kungukweyisa kuNkk Graham ukuthi athi amakhansela e-ANC akhuluma into engaphusile uma ethi abakwaSPCA bagxile kakhulu ezindaweni zabamhlophe ngoba vele bakhuluma iqiniso.
“Into esiyishoyo ukuthi uSPCA kumele usabalale usize yonke imiphakathi ngendlela efanayo,” kusho uNkk Gumede.