Izinhlelo zobumbano kwi-PAC kuhlangene abaholi
I-PAC KwaZulu-Natal isishayela ihlombe isinyathelo sokuhlangana kwabaholi abadala benhlangano ngenhloso yokuqeda umbango nokwakha ubumbano.
Lo mhlangano oyingqophamlando wePAC ubuseGauteng ngempelasonto edlule.
IPAC kumanje inezinhlangothi ezintathu njengoba kukhona olukaMnuz Luthando Mbinda, Mnuz Letlapa Mphahlele noMnuz Narius Moloto.
USihlalo wePAC esifundeni iJoe Mkhwanazi eKZN uMnuz Richman Mhlongo uthe basincoma kakhulu isinyathelo sabaholi benhlangano sokuhlangana ngenhloso yokwakha ubumbano.
“Sifisa ukuthi lezi zingxoxo zibe impumelelo njengoba inhlangano ingakwazi ukusebenza ngenxa yombango, thina siyazama ukusebenza emazingeni aphansi kodwa abantu abafuni ukusilalela bathi singabatshelani njengoba inhlangano yethu ihlukene phakathi,” kusho uMhlongo.
Uthe umsebenzi wePAC ukuhlanganisa ama-Afrika ukuze abeyimbumba.
“IPAC iwumzimba wawo wonke umuntu omnyama ezwenikazi lase-Afrika uma thina sinhlakanhlaka abantu ngeke baze babe nethemba, kubalulekile ukuthi sibumbane ukuze sikwazi ukulwela ama-Afrika,” kusho uMhlongo.
Uthe bayathemba ukuthi ubumbano enhlanganweni luzoba nezithelo ezinhle bakwazi ukuya okhethweni lwangonyaka ozayo sebekhuluma ngazwi linye.
“Kusijabulisile ukubona zonke izingqalabutho zenhlangano zisukumela phezulu uma kukhulunywa ngodaba lokwakha kabusha inhlangano,” kusho uMhlongo.
Phakathi kwezingqalabutho zePAC abezikhona emhlanganweni kubalwa uDkt Motsoko Pheko, Bishop Stanley Mokgoba, Mnuz Mike Muendane, Mnuz Alton Mphethi nabanye.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele KwaZulu-Natal uMnuz Thabani Khumalo uthe lokhu kuhlangana kwePAC kumele ngabe kade yakwenza.
“Uma ubheka lezinto okukhulunywa ngazo manje kokubuyiswa komhlaba nokufukulwa kwabantu abamnyama kwezomnotho, zonke lezo zinto inkolelo yePAC njengoba manje sezithathwe amaqembu angosomathuba okubalwa kuwo ne-EFF,” kusho uKhumalo.
Uthe uma abaholi bePAC bezonhlangana ngokweqiniso lokhu kuzoyisiza inhlangano ukuze ikwazi ukuvuka izithuthe.