IMelika itakula iZululand ngesiNgisi
OTHISHA baseZululand basabhekene nengwadla ekufundiseni ulimi lwesiNgisi nosekudale ukuba kungenelele izwe laseMelika.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi kuvulwa iworkshop yezinsuku ezimbili, yokuqeqesha othisha bakulesi siFunda abangu-200, eNew Republic Primary School eVryheid.
Inxusa laseMelika elizinze KwaZuluNatal, uNkk Sherry Sykes lithe iZululand inale nkinga yolimi lwesiNgisi ngenxa yokuthi yakhelwe izindawo eziningi ezingamakhaya.
“Empeleni iZululand nesifundazwe sonkana bakhungethwe yile nkinga yokungenzi kahle olimini lwesiNgisi. Ngisho iNingizimu Afrika isohlwini lwamazwe angenzi neze kahle esiNgisini. Yingakho siwuHulumeni waseMelika siqale lolu hlelo lokuqeqesha othisha emazweni angu16 ase-Afrika okuhlanganisa naleli. Sikholwa ukuthi lapha eZululand othisha esibaqeqeshayo bazokwazi ukudlulisela ulwazi kubafundi babo ngoba sibakhuthaza nasekuqiniseni ikhono lokufunda izincwadi nokunye okungabasiza ekutheni bakwazi ukufundisa isiNgisi,” kusho uNkk Skykes. Uthe okokuqala ukuthi benze lolu hlelo KwaZulu-Natal.
Uveze ukuthi lolu hlelo balwenze ngokucelwa uhulumeni wakuleli basebenikezwa IZululand.
Uqhube wathi izisebenzi zabo eziqeqesha laba othisha baseZululand ziholelwa uhulumeni waseMelika.
Okunye akuvezile ukuthi bavumelene neMeya yaseBaqulusini ukuthi bazosiza ekutheni zonke izikole zaseZululand ziyahlomula ezinhlelweni zabo zokuthuthukisa othisha nabafundi ukuze benze kangcono olimini lwesiNgisi.
Okunye okuyisifiso seMelika ukuba kuthathwe abanye othisha nabafundi baseZululand baye kuleliya lizwe bayoqeqeshwa khona. UMfundisi Thenjiwe Dlamini woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe lolu hlelo luzobasiza ngoba IZululand iyisiFunda esibaluleke kakhulu kwezeMfundo ngenxa yomthelela esibanawo emiphumeleni kamatric. “NgokweziFunda zethu eMnyangweni, IZululand ibaluleke kakhulu ngoba ingeyesithathu ngobukhulu. Ngakho siyibona isethubeni lokuba yenze kahle nokungaguqula isimo semiphumela yokuphela konyaka KwaZulu-Natal. Empeleni lapha eZululand sinenkinga enkulu siwuMnyango ngemiphumela yakhona kaMedium Phase, yingakho kuthe uma kulethwa lolu hlelo kulesi siFundazwe saqoka ukuba luqale eZululand,” kusho uMfundisi Dlamini.
Izolo othisha bakhombise ukulijabulela lolu hlelo lokuqeqeshelwa ukufundisa isiNgisi.
Bafundiswa kusuka ngehora leshumi ekuseni baphuma kugamenxe elesibili.