Intsha inyelwe yinyoni esandleni
INTSHA yasezindaweni ezingaphansi kukaMasipala waseMhlathuze, inyelwe yinyoni esandleni njengoba kuvulwe ngokusemthethweni amahhovisi azobhekela izidingo zayo.
Ukuvulwa kwalamahhovisi kunqande ukuthutheleka kwabantu abasha bakule ndawo eThekwini beyofuna uxhaso lokufukula osomabhizinisi abasafufusa.
Lesi sikhungo esesineminyaka sikhona, sesisize inqwaba yabantu abasha basezifundeni ezihlukahlukene. UMnuz Simphiwe Mkhwanazi, oseneminyaka ezama ukusungula ibhizinisi lezinkukhu ngenxa yokungabibikho kwala mahhovisi nokweswela imali, ugcine esehosha imfe. Uthe ubona amaphupho akhe ezofezeka manje. Imeya yakulo masipala uMnuz Mduduzi Mhlongo ithe ngala mahhovisi bafuna intsha ithuthuke futhi ngesikhathi kufika abantu abasha bezowacela akananazanga ukubanika.
“Izinga lentsha engasebenzi selikhuphuke kakhulu. Ukuswelakala kwamathuba omsebenzi kungamaphesenti angamashumi amahlanu nambili, kanti yisona sibalo esikhulu kule minyaka eyishumi nantathu,” kusho uMhlongo.
UMnuz Sfiso Motsoeni, ongusihlalo weNational Youth Development Agency (NYDA) okuyisikhungo esithuthukisa abantu abasha uthe bazimisele ukuphuma emahhovisi abo amakhulu abahlala kuwo baye entsheni bayithuthukise kwezokuqala amabhizinisi.
“I-NYDA izothula amahhovisi angomahamba nendlwane azoba ne-Wi Fi azokwenza ukuthi kubelula ukuthi intsha ikwazi ukufuna imisebenzi ngoba ukungaqashwa kwentsha kuveza isithombe esimbi.”
UMotseoni uveze nokuthi indaba yokuqashwa kwabantu ngokubheka isipiliyoni kuzomele kuvalwe ngoba yenza kubenzima ukuthi abantu abasha baqasheke emkhakheni eyahlukene yemisebenzi, nokuyinto eyandisa ububha.
“Sifisa nokuthi intsha iqashwe ezikhundleni zasephalamende ngoba iPhalamende ligcwele amakhehla nezalukazi, kumele engabe yintsha esephalamende. Kungaba kuhle ukuthi intsha ingene ephalamande ukuze nayo iqeqesheke, yazi ukuthi izwe liphathwa kanjani.”