URenard noQueiroz sebededile kwiNdebe yoMhlaba
SEBEPHUMILE bobabili kwiNdebe yoMhlaba abaqeqeshi abekade bemataniswa nokuzopheka iqembu lebhola lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana, kodwa kwaphazamisa ukuthi amaqembu abo abezibekisele indawo emqhudelwaneni oseRussia.
IMorocco, ephekwa uHerve Renard waseFrance, iphume ilwile igcina ibambana ngo 2-2 neSpain, kwathi i-Iran, eqeqeshwa uCarlos Queiroz, yashukana nePortugal kwaba ngu 1-1. IMorocco ne-Iran abeqhathwe kuGroup B.
Okuzokwenza ukuthi abathandi bebhola bakuleli baphinde bavule izindlebe bafune ukwazi ngekusasa lalaba baqeqeshi wukuvela kwemibiko ethi iKaizer Chiefs igaqele ukubuyisa uStuart Baxter okunguyena owagcina eqashwa yiSafa ngemizuzu yokugcina sekucaca ukuthi uRenard noQueiroz abatholakali.
Yize kungamahlebezi eyokufunwa kukaBaxter ngaMakhosi kodwa imenenja yeqembu laseNaturena, uBobby Motaung, ayizange iwachithe.
Ekhuluma emsakazweni iMetro FM, uMotaung uthe uBaxter uwuhlobo lomqeqeshi abamfunayo.
UBaxter ushiye kwiChiefs kumasizini amathathu edlule enqobe izicoco ezimbili zeligi, iMTN 8 neNedbank Cup.
“Ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu. Siyawazi umsebenzi wakhe ngoba uke waba nathi. Sidinga umqeqeshi ozoqonda iligi yethu,” kusho uMotaung.
Indodana kaBaxter isebenza kwiChiefs njengomqeqeshi wonizinti.
UBaxter uhlulekile wukuyisa iBafana eRussia phezu kokuyifica ihleli endaweni yokuqala eqoqweni ethatha izintambo ku-Ephraim Mashaba.
Uma eqhubeka noma umqeqeshi ongafika uma ehamba, uzobe emelwe ukufaka iNingizimu Afrika kwi-Africa Cup of Nations yango-2019.
INingizimu Afrika isayibambe endaweni yesibili ngamaphuzu amathathu alinganayo naweLibya eqhwakele. UBaxter nezakhe bashaya iNigeria emdlalweni wokuqala wokuhlunga.
Olandelayo bazowudlala neLibya eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoSepthemba 8.
Ebuzwa uRenard ngabezindaba ngekusasa lakhe uthe uzocabanga ngalo uma sekuphele iNdebe yoMhlaba. UQueiroz yena ubese wakusho ukuthi uzoyishiya i-Iran ngemuva kweNdebe yoMhlaba asehlale kuyo iminyaka eyisithupha.