ISIKHULU SEQEMBU ELISHA LE-NFD SIYAJUXUZA E-RUSSIA ABADLALI BENKEMILE
IQHAWE lakho uPotshoza lihoshe ukuthi kunenqwaba yabadlali bePlatinum Stars abangazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani kodwa isikhulu esingumqeqeshi weCape Umoya FC, uRoger De Sa, sijabulela ubumnandi bebhola kwiNdebe yoMhlaba ka-2018 eqhubekayo eRussia.
Leli qembu, elidliwe yizembe esigabeni esikhulu sePSL, lithengwe abathile ngo-R22 million. Kulaba abalithengile kukhona noDe Sa obeliqeqesha ngaphambi kokuthi lidliwe yizembe. Kulandela ukuthengwa kweDikwena, kuvele ukuthi isizofudukela eKapa lapho izodlala khona ngegama layo elisha kweNational First Division. Iqembu selibizwa ngeCape Umoya United.
Inkinga enkulu ukuthi uDe Sa utshakadula eRussia nje, abadlali babhekene nenkinga yokuthi bazokwenzenjani ngezingane zabo ezifunda ezikoleni eziseRusternburg lapho bekuzinze khona iDikwena. Ngokuthola kweqhawe lakho, kukhona abadlali abazochithwa kodwa kwabona laba abazosala kuthiwa abaningi babo abazimisele ngokufudukela eKapa.
“UseRussia umqeqeshi ujabule kodwa abadlali abazi ngokuzokwenzeka kubona kusasa. Kumapeketwane yonke into ngoba sizwile nokuthi kubasebenzi abangu-25 abebehola kwiDikwena, kuzobuyiselwa ababili kuphela emsebenzini. Nesibalo sabadlali iqembu elizimisele ukufudukela nabo eKapa sincane kakhulu,” usho kanje omunye wabasebenza kuleli qembu ngokuvumelana ngokuthi uPotshoza ngeke aliveze igama lakhe.
Okubuhlungu kakhulu ukuthi abadlali bathole izincwadi ngoJuni 10 betshelwa ukuthi indaba yabo izoxoxwa maduze.
Kuyimanje i-Urban Warriors egcine endaweni ka-16 ilinde isinqumo sejaji laseNkantolo eNkulu yaseGauteng ngesikhalo sayo eyasifaka ngokuphucwa amaphuzu.