Isihlabani ebholeni simfuna ephesheya uPercy Tau
SIKHO isikhathi esidlula lesi, uPercy Tau kufanele ayodlala phesheya kwezilwandle ngoba usekwenze konke ebholeni lakuleli, yini entsha esalindeleke kuyena.’
Lawa ngamazwi kaDelron Buckley odlale iminyaka ewu-14 eGermany, walunguza naseGreece kwi-Anorthosis Famagusta phakathi kuka-2009 no-2010. Ngokusho kukaBuckley, ukuya kukaTau, odlalela iMamelodi Sundowns, phesheya kuzomsiza akhule ezingxenyeni ezithile ebholeni lakhe, kuphinde kusizakale neqembu lesizwe, iBafana Bafana.
“Lapha sikhuluma ngomdlali osezingeni eliphezulu kakhulu. Ungomunye wabadlali abayindlala ezwenikazi i-Afrika ngenxa yesiphiwo anaso esihlukile kubadlali abaningi,” kuchaza uBuckley odlale kwi-iVfL Bochum, Arminia Bielefeld, Borussia Dortmund neMainz 05 eGermany.
UTau ungundabamlonyeni kulezi zinsuku njengoba kuvela ukuthi kunamaqembu aphesheya kwezilwande amfunayo okubalwa kuwona neBrighton & Hove Albion yase-England. Kuvela ukuthi leli qembu libeke etafuleni imali engu-R44 million kodwa iSundowns iyayichitha le mali, ikhala ngokuthi incane.
Lokhu kuholele ekutheni uTau angilubhadi eRustenburg lapho amaBrazilians ezicijela khona isizini entsha.
Okhulumela iSundowns, uThulani Thuswa, utshele iMetro FM ngoMsombuluko ebusuku ukuthi akukho ngxabano ekhona phakathi kukaTau neqembu, ubabekele isizathu sakhe sokungafiki ekhempini. Leli qembu liphinde lakhipha isitatimende lichitha imibiko ethi livimbela umdlali ukuthi aye e-Europe.
Kwenzeka konke lokhu nje lesi sikhwishikhwishi, esidlala ngonyawo lwesokunxele, sesinqobe izicoco zonke ezisebholeni lakuleli, eseCAF Champions League neseSuper Cup, naBafana Ba Style.
“Ngesikhathi sihlungela ngempumelelo imidlalo yeNdebe yoMhlaba yango-1998, neka-2002, sasinabadlali abaningi ababegijima phesheya kwezilwandle. Ngo-2002 nje, uQuinton Fortune wayedlalela iManchester United, uBenni McCarthy wayedlala kwiFC Porto nabanye abaningi. Kungakho senza kahle eKorea naseJapan futhi sasinesikwati esihle. Ngakho ukuya kwakhe phesheya kuzomkhulisa njengomdlali, kuphinde kusize neqembu lesizwe. “Engingakusho kubadlali abadlala kwi-Absa Premiership ukuthi uma kuvela ithuba lokuyodlala phesheya kwezilwandle abalithathe balibambe ngezandla zombili ngoba akukho nokuncane okuzobalahlekela, kunalokho bazozuza,” kusho uBuckley oseziqalele inkulisa yakhe ayibiza ngeDelron Buckley Soccer School.
Nakuba iBrighton & Hove Albion kuthiwa kuseyiyona ephumele obala ngothando lwalesi sibabuli, uBuckley uthe ubefisa uTau adlale kwi-Italian Serie A ngoba ihambisana nebhola lakhe.
“Ubezongena athi khaxa kwiItalian Serie A. Ngikusho lokhu ngoba ibhola lakhona alisheshi kakhulu futhi abadlali bakhona bayathanda ukugcina ibhola, lokhu yena angakuthokozela kakhulu. Nakhona eGermany ngibona engadlala ngoba kucishe kufane nase-Italy, umehluko khona ukuthi kuyabanda njengoba onyakeni kuba yizinyanga ezintathu kuphela lapho ubona khona ilanga. Okusho ukuthi izinyanga eziyisishiyagalolunye zonke, usuke ubulawa ungqoqwane,” kuchaza uBuckley.