Kuphenywa inkohlakalo eJozini
YINKOMBANKOMBANE phakathi kwamakhansela nemenenja kamasipala waseJozini, basolana ngokukhwabanisa imali yomphakathi.
Izolo ikomiti elibheke ukusebenza kwemali yomkhandlu i-Mpac (Municipal Public Account Committee), liqale uphenyo ngezinsolo ezibhekiswe kwiMenenja kamasipala, uMnuz Kuhlekonke Khumalo zokungaphathi kahle imali.
UKhumalo usolwa amakhansela e-IFP nawe-ANC “ngokudla” imali yokwakha amahhovisi kamasipala enguR3.3 million.
Amakhansela ashaya amakhala ngemali eyasayinelwa uKhumalo engu-R11 million yokwakhiwa komgwaqo waseMkhuze oyikhilomitha nengxenye.
Ngendlela isimo esibi ngayo kuthiwa uKhumalo usenabaqaphi ngemuva komyalelo kaKhomishana obebambile, uBrigadeir General Bheki Langa.
Isolezwe linayo incwadi kaLanga eyimfihlo eyalela ukuba kuhlinzekwe uKhumalo ngezokuphepha.
“Usigilile uKhumalo. Unike inkampani thizeni uR3.3 million ingakaqokwa nokuba ithole ithenda. Sekufanele kwakhiwe amahhovisi yathi ayisenayo imali ngoba uR3.3 million udliwe uSars. UKhumalo wathi uphoqeleke ukuba ayikhiphe le mali ngoba ibisizobuyela emuva njengoba bekuphela unyaka weziMali ngakho ubeyibalekisa njengeFiscal Dumping,” kusho ikhansela le-IFP elicele kugodlwe igama lalo.
Liqhuba lithe uzodla umuzi nezimoto zikasonkontileka ukuze kubuye imali. Akugcini lapho kodwa nakubasebenzi konakele, uqashe abesifazane ababili ezikhundleni eziphezulu. Ngaphansi kobuholi bakhe kudliwe inqwaba yemali kuholelwa abasebenzi abayizipoki ngakho sifuna achithwe. Izimenenja ezinje eziwisa omasipala.
UMnuz Mantsontso Zeblon Tembe oyikhansela le-ANC uthe bafuna udaba luphenywe ithimba elizimele ngoba ubakhathazile uKhumalo. “Sifuna iMpac iqashe abaphenyi abazimele ngenkohlakalo esiyibonayo,” kusho uTembe.
Usihlalo weMpac uNksz Nonto Ngubane oyikhansela leDA uthe okuningi bazokukhuluma uma sebeyothula umbiko emkhandlwini. UKhumalo uthe usolwa ngabanenhloso yokungcolisa igama lakhe, nabalwa naye ngoba ephikisa izenzo zenkohlakalo.
“Ngivule icala koKlebe ngokunyamalala kuka-R5 million okuthinta amakhansela. Kusuka lapho sengiyahlaselwa. Angizange ngiwudle uR3.3 million noma ngiphisane ngawo. Ngathenga omahamba nendlwana ngo-R1.6 million ukuze kube nendawo yokusebenza ngesikhathi kusakhiwa amahhovisi. Inkampani esayiqasha yasho ukuthi inenkinga noSars kodwa yalulungisa udaba yaqala umsebenzi. Yehluleka ukuqeda ngesikhathi. Saqasha enye ezoqedela ukwakha. Amahhovisi abheke emaphethelweni. Umgwaqo kwanqunywa ngo-2014 ukuba wakhiwe. Kwakuvunyelwane ngokuthi uzokwakhiwa ngo-R8 million. Ngo-2017 kwavunyelwana ukuba luqhubeke uhlelo lokwakha umgwaqo. Ngenxa yokuguquka kwamandla emali. Kwasekudingeka u-R3 million ngaphezulu. Umgwaqo esikhuluma ngawo akuyona nje indlela yodaka kodwa uhlobo oluphezulu lomgwaqo,” kusho uKhumalo.
Uthi uphoqwa ukuba axoshe abasebenzi abathile ezikhundleni ukuze kungene abangani bamakhansela.
Uthe kukhona lapho ephoqeleke ukuba amise uhlelo lokukhangisa imisebenzi nemifundaze ngoba kunamakhansela afuna kufakwe abantu bawo.
OKlebe kushaye isikhathi sokushicilela bengayiphendulanga imibuzo.
UKhumalo uthe ngoMeyi 12, 2017, umkhandlu wagunyaza ukuba kungezwe uR3.9 million kuR8 million womgwaqo waseMkhuze. Uthumele nobufakazi bomhlangano wamakhansela okwavunyelwana kuwo. Uthi nasemalini yamahhovisi kwavunyelwana ukuthi kumele kukhishwe uR5 million wokulungisa amahhovisi.
Uthe kumanje kumele bakhokhele usonkontileka uR2 million njengoba sekusebenze uR3 million.
Uthe izinkinga zivele umsebenzi usuphakathi yikho esekhonjwa ngenjumbane. NoR5 million wokuqala owanyamalala avule icala ngawo koKlebe uthe wagunyazwa engakafiki kodwa awuzange wenziwe umsebenzi.