Zikwangqingetshe ezamaholo kwa-Eskom
ZIFINYELELE kwangqingetshe izingxoxo zamaholo kwa-Eskom njengoba izinyunyana zicele ukuthi kungenelele uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Nhlanhla Nene nebhodi lakwa-Eskom ezingxoxweni zamaholo.
Izolo iNational Union of Mineworkers (NUM), iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) neSolidarity ithe ngeke ikwazi ukuphawula kabanzi ngesiphakamiso sakamuva se-Eskom ngoba izingxoxo zisesigabeni esibucayi.
UMnuz Livhuwani Mammburu, okhulumela iNUM kuzwelonke, uthe: “Izingxoxo zamaholo zisesigabeni esibucayi. Kuyiqiniso ukuthi izinyunyana zicele umhlangano noNgqongqoshe wezeziMali kodwa besingakaziswa ukuthi uzoba nini. Asikwazi ukukhuluma nabezindaba okwamanje.”Uthe bazoxoxisana namalungu abo ngesikhathi besalinde umhlangano noNene ngoba yiwona amalungu okufanele asho ukuthi ayasamukela isiphakamiso noma afuna uchatha. “Izinyunyana zithemba ukuthi umhlangano noNene uzozisiza ukuthi zifinyelele esivumelwaneni ne-Eskom. Okwamanje zizoxoxisana nabasebenzi ukuzwa uvo lwabo,” kusho uMammburu.
Isolezwe lithole ukuthi i-Eskom ibibeke phansi u-7% ngoLwesibili kanti izinyunyana sezifuna u-8%.
Ekuqaleni kwesiteleka izinyunyana bezifuna abasebenzi banyuselwe amaholo ngo-15%, kube nesibonelelo sezindlu sika-R2 000, kumiswe amalabour brokers nokuthi kuqashwe ngokuphelele onogada.
Bebefuna nokuthi bakhokhelwe izinyanga eziyisithupha uma bethatha ikhefu lokubeletha nabesilisa bathathe inyanga eyodwa ezokhokhelwa uma abalingani babo besanda kubeletha.