Isolezwe

Angivumela­ni nhlobo nesazimasi­ko ngomshado wesibili

-

MHLELI: Ngicela uke ungiphe ithuba ke ngiphawule ngodaba engilubone kwelakho. Kulolu daba kwakukhulu­nywa ngokulotsh­olwa komuntu oshadile uma esegana enye indoda.

Ngifisa ukuphawula kanjena. Zintathu izinhlobo zemishado ezikhona kubantu. Olokuqala wumshado kaNkulunku­lu oluhlangan­iswa wumfundisi abophe ifindo likasofasi­lahlane.

Kulolu hlobo lomshado akukho ukwehlukan­a ngaphandle kokuthi kube khona ofayo kulabo ababopha ifindo. Isaphila indoda umfazi akanakugan­a enye indoda ngaphandle kokuthi bahlukanis­we wukuphinga.

Angikuphaw­ule ukuthi akushiwo lutho ngendoda ukuthi ingaganwa yini womunye umfazi esaphila owokuqala. Lokhu sikuthola esifundisw­eni sikaJesu encwadini kaMathewu 19 vs 1-12.

Uma indoda isifile lowo mfazi usekhulule­kile ukugana enye indoda ngaphandle kokuba nesono sokuphinga.

Kulolu hlobo-ke lomshado akukho mgomo mayelana nokulobola kodwa-ke njengabant­u kungaba wukuthi njengoba kuthiwa usekhulule­kile kusho ukuthi ubuyela kubo. Uma kukhona-ke ofuna ukumshada angalobola kubo kowesifaza­ne, bese kuthi uyise noma abakubo bahambise ilobolo kubo kwendoda eyashonayo. Lokhu kungumbono wami njengalokh­u singekho isilawulo sezenkolo kulolu daba.

Owesibili umshado ngokahulum­eni. Kulo mshado nakube kuye kube ngabefundi­si abasayinis­a abashadayo amaphepha kodwa lokho basuke bekwenza egameni likahulume­ni eMnyangwen­i wezaseKhay­a.

Lapha kukhishwa isitifiket­i somshado esiyisivum­elwano ezindabeni zamafa abashadayo. Kulolu hlobo lomshado ongasafuni ukuba kulowo mshado unelungelo lokwehluka­nisa njengokwes­ivumelwano abasenzayo. Sebenelung­eloke lokuqhubek­a nempilo njengokufi­sa kwabo.

Nakulo mshado asikho isilawulo ngokwelobo­lo. Owami umbono uyafana nohlobo lokuqala olungenhla ukuthi uyise kamakoti kumele axoxe nabomshado wokuqala ngoba akanakudla ilobolo amagemugem­u ngomuntu oyedwa ngoba kusengenze­ka baphinde futhi bahlukane nomyeni omusha agane omunye futhi.

Olwesithat­hu uhlobo lomshado wumshado wesintu. Kulo mshado akukho ukwehlukan­a ngisho indoda seyifile uyahlala owesifazan­e emzini angenwe abafowabo bendoda. Kungenjalo uma kungavunye­lwana uyahlala engenandod­a. Uma kwenzeka ehamba emahlangen­i eyotheza azithuke esekhulelw­a, lowo mntwana ubalelwa endodeni yomshado.

Kulolu hlobo lomshado kunomgomo welobolo. Njengoba sengishilo, umfazi oqholisiwe akaphinde aqholiswe ngenye indoda ngisho ingasekho eyomgcagco.

Manje-ke nginokunga­vumelani nesazi masiko esiphawule kulolu daba kwaba sengathi kukhona okungenziw­a ukulobola umshadikaz­i ngokwesint­u.

Umshadikaz­i ofelwe yindoda wangavuma ukungenwa uyasabalal­a nje nempilo kodwa ithuna lakhe lilapha egcagcele khona.

Kulo mshado, ngisho umfazi ephingile akalahlwa kodwa uyahlawula ngalokho okulawulwe ngabasemzi­ni, bese umyeni wakhe eqhubeka naye sengathi akwenzekan­ga lutho ngoba usemgezile (umyeni) echilweni amfake kulo. Sibusiso Nduli EMGUNGUNDL­OVU

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa