Owe-Ajax ufuna iPSL kuxoxwe ngoNdoro
ISIKHULU esiphezulu se-Ajax Cape Town, u-Ari Efstathiou, siluleke iPremier Soccer League (PSL) ngokuthi asikho isidingo sokukhombana ngeminwe phakathi kwabo ngodaba lukaTendai Ndoro ngoba zombili izinhlangothi ziwenzile amaphutha azo.
U-Ari ukusho lokhu ngoLwesithathu ebusuku ohlelweni lwebhola kwiMetro FM lapho eveze khona ukuthi asikho isidingo sokuthi bona kumbe iPSL banyukelwe wushukela ngalolu daba ngoba lokho kungaphazamisa abantu abaningi abangangene kulolu daba.
Lesi sikhulu siyavuma ukuthi likhona iphutha abalenzile beyi-Ajax kodwa nePSL inalo elayo iphutha.
Ngenxa yalokhu u-Ari uthi akuhlalwe phansi ukuze kungafiki ekutheni ingaqali isizini. Izolo ebusuku bekunomhlangano weBoard of Govenors (BOG) lapho bekukhulunywa khona ngalolu daba.
UNdoro udlalele amaqembu amathathu ngesizini eyodwa, okuphambene nomthetho weFifa. I-Ajax ithi idlalise lo mdlali ngoba inikwe igunya yiDispute Resolution Chamber (DRC) yePSL.
Le nhlangano ephethe ibhola kuleli, isiphikisile isinqumo seDRC yayo. Ludlulile lolu daba lwaya kwiFifa lapho lubuyiselwe khona emuva kwathiwa iSouth African Football Association (Safa) inabo abantu abanganquma ngalo.
U-Adv William Mokhari SC, ongumahluleli weSafa, uthole i-Ajax inecala yaphucwa amaphuzu, okwenze yadliwa yizembe.
Zijikile-ke nokho izinto iJaji uDenise Fisher leNkantolo eNkulu eSouth Gauteng lichithe isinqumo sikaMokhari, okubuyisele i-Ajax kunombolo-15 kwazise nemidlalo yokuhlunga enqotshwe yiBlack
Leopards kuthiwe iyinto engekho.
“Sonke sinawo amaphutha ethu kulolu daba ngakho kusemqoka ukuthi sihlale phansi sikhulume ngendlela engalungiswa ngayo le nto ngoba kuzophazamiseka bonke abathandi bebhola uma siqhubeka ngale ndlela esenza ngayo. Uma kithina engekho ofuna ukuvuma njengoba iPSL isiphikisa isinqumo seJaji uFisher, nathi sizoluqhubeza udaba ngayo inkantolo. Sizimisele ukuyimisa iligi ukuthi iqale uma sizwa sengathi asilalelwanga ngendlela,” usho kanje u-Ari.
Ngokusho kwalesi sikhulu, bazimisele ukulalela kodwa uma iPSL iqhubeka nokuziqhathulula, yize yazi ukuthi nayo inawo amaphutha, bazophoqeleka ukuthi baqhubeke nenkantolo.
Lesi sikhulu sithe basenkingeni ngoba abazi noma kufanele bathenge abadlali besigaba esikhulu noma beNational First Division (NFD) kodwa ngokweJaji uFisher bakunombolo-15 obabeka emidlalweni yokuhlunga.
Ebuzwa ukuthi bayathenga yini kwiBloemfontein Celtic uthe, akulona iqiniso lokho ngoba umthetho ngeke ubavumele ngisho ngabe bayathanda ukukwenza lokho.
“Kufanele wehlele kuNFD kuqala bese kuba yima uzama ukuthenga njengoba AmaZulu enza kwiThanda Royal,” kuphetha u-Ari.