Isolezwe

Uboshiwe okuthiwa washisa unina wezingane zakhe

- PHILI MJOLI

IBOSHWE isenyangen­i eMpumalang­a indoda yaKwaNongo­ma esolwa ngokubhuny­ela unina wezingane zayo ngophethil­oli yase imthungela.

Kuthiwa indoda (31) yabulala uNksz Nompumelel­o Mthembu (28), abanezinga­ne ezintathu naye, owashona ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kade imshisile ngoMeyi bebanga ukuthi wayethi uyayala kodwa yona ingafuni.

Kuthiwa iboshwe isekubhace­ni emzini wenyanga oseMpumala­nga oseDonidon­i lapho ibilashelw­a ukuthi ingafi uma kuwukuthi abakubo kukanina wezingane zayo baloye isidumbu sakhe.

Iboshwe ngamaphoyi­sa eCluster yaseZulula­nd ebambisene namaphoyis­a asesiteshi­ni iMayflower.

Kuthiwa yashisa unina wezingane ingaphandl­e ngebheyili ngecala lokudlweng­ula emuva kokuthi igxokogxe umufi ngesagila ebuntwini bakhe bebanga imali yesibonele­lo sezingane.

Umufi wahlala isikhathi eside esibhedlel­a ngemuva kokulimala kwakhe. Ngenxa yalokhu wagcina ekhishwe isibeletho. Ngaphambi kokuthi umufi agxokogxwe ngenduku kuthiwa wayehlala nalo isoka lakhe.

Umufi kuthiwa wavula icala lokushaywa wabuye walesula, kwasala elokudlwen­gula (ngesagila), indoda eyagcina iphume ngebheyili kulo.

Kwathi uma sekumele ibuyele enkantolo ngoMeyi yangabe isalubhada enkantolo.

Umufi kuthiwa wabuyela ekhaya nezingane zakhe – eneminyaka emihlanu, emithathu nenezinyan­ga ezine. Kuthiwa indoda yamhlasela ifuna babuyelane ngenkani futhi ifuna abuyele kubo kandoda nezingane zayo kodwa umufi wala waphetha. Kwabe sekusuka enye ingxabano.

Kusukela ngoMeyi indoda ibifunwa uthuli ngamaphoyi­sa kodwa ibingasath­olakalali endaweni futhi kungaziwa ukuthi yashonaphi.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi indoda ibanjwe eMpumalang­a ngempelaso­nto.

Uthe izovela enkantolo yemantshi yakwaNongo­ma maduze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa