Uboshiwe okuthiwa washisa unina wezingane zakhe
IBOSHWE isenyangeni eMpumalanga indoda yaKwaNongoma esolwa ngokubhunyela unina wezingane zayo ngophethiloli yase imthungela.
Kuthiwa indoda (31) yabulala uNksz Nompumelelo Mthembu (28), abanezingane ezintathu naye, owashona ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kade imshisile ngoMeyi bebanga ukuthi wayethi uyayala kodwa yona ingafuni.
Kuthiwa iboshwe isekubhaceni emzini wenyanga oseMpumalanga oseDonidoni lapho ibilashelwa ukuthi ingafi uma kuwukuthi abakubo kukanina wezingane zayo baloye isidumbu sakhe.
Iboshwe ngamaphoyisa eCluster yaseZululand ebambisene namaphoyisa asesiteshini iMayflower.
Kuthiwa yashisa unina wezingane ingaphandle ngebheyili ngecala lokudlwengula emuva kokuthi igxokogxe umufi ngesagila ebuntwini bakhe bebanga imali yesibonelelo sezingane.
Umufi wahlala isikhathi eside esibhedlela ngemuva kokulimala kwakhe. Ngenxa yalokhu wagcina ekhishwe isibeletho. Ngaphambi kokuthi umufi agxokogxwe ngenduku kuthiwa wayehlala nalo isoka lakhe.
Umufi kuthiwa wavula icala lokushaywa wabuye walesula, kwasala elokudlwengula (ngesagila), indoda eyagcina iphume ngebheyili kulo.
Kwathi uma sekumele ibuyele enkantolo ngoMeyi yangabe isalubhada enkantolo.
Umufi kuthiwa wabuyela ekhaya nezingane zakhe – eneminyaka emihlanu, emithathu nenezinyanga ezine. Kuthiwa indoda yamhlasela ifuna babuyelane ngenkani futhi ifuna abuyele kubo kandoda nezingane zayo kodwa umufi wala waphetha. Kwabe sekusuka enye ingxabano.
Kusukela ngoMeyi indoda ibifunwa uthuli ngamaphoyisa kodwa ibingasatholakalali endaweni futhi kungaziwa ukuthi yashonaphi.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi indoda ibanjwe eMpumalanga ngempelasonto.
Uthe izovela enkantolo yemantshi yakwaNongoma maduze.