Zisenkingeni izikhulu ezithinteka kolukaMarawa
ZISOBISHINI izikhulu zakwaSABC okukhona kuzo esibhekele ukusebenza kwale nhlangano, uMnuz Chris Maroleng, okuthiwa azilandelanga umthetho ngokuqasha umsakazi wezemidlalo uRobert Marawa.
Iphephandaba langeSonto, i-Sunday World, libike ukuthi uMaroleng noNkk Marcia Mahlalela baziswe ngoLwesine oludlule ukuthi bazobekwa amacala ngokubuyisa uMarawa.
Uphenyo lwaluqalwe ngobeyisikhulu esibambile kwaSABC uNkk Nomsa Philiso emuva kokuthola izikhalo kubasebenzi bale nhlangano bekhononda ngokubuyiswa kukaMarawa.
Kuthiwa uNkk Mahlalela kuthe uma etshelwa ukuthi uzobekwa amacala wavele wasula emsebenzini.
Emacaleni obekuthiwa uzobhekana nawo kubalwa elokwehlisa esikhundleni umsebenzi onqabe ukubhala incwadi encoma ukuthi kuqokwe uMarawa.
Elesibili elokusayina inkontileka kaMarawa ngaphandle kokuyihambisa kobhekele izimali zezemidalo ukuze asho ukuthi ikhona yini imali yokuholela uMarawa.
Elesithathu elokusayina inkontileka ezodla imali eningi kwaSABC ekubeni uNkk Mahlalela kufanele kube nguye oqinisekisa ukuthi imali ayimosheki kule nhlangano.
UMarawa uzohola u-R7 000 ngohlelo olulodwa okusho ukuthi ngenyanga wenza u-R154 000 okuzodla iSABC u-R5.5 million eminyakeni emithathu.
Inkontileka kaMarawa iqale ngoJuni 1 nonyaka, izophela ngoMeyi 31, 2021. Ithumba kuthiwa libhoboswe nguMnuz Orapeleng Lebethe owaziwa njengesitha sikaMarawa. Kuthiwa wakhishwa esikhundleni sokuba ngumphathi wezemidlalo ngoba engafunanga ukubhala incwadi encoma kuqokwe uMarawa.
UNkk Mahlalela kuthiwa uzichithile izinsolo ephendula imibuzo yophenyo wathi uMaroleng akangeni ndawo ekuqokweni kukaMarawa.
Abasondelene noNkk Mahlalela bathe kade ayefuna ukushiya emsebenzini ngoba esethole amadlelo aluhlaza kodwa kuthe uma esebekwa amacala wakhetha ukuhamba ngoba engafuni ukuba nokhwantalala.
UMnuz Kaizer Kganyago, obhekele ezokuxhumana kwaSABC, uthe izikhulu ezithintekayo ophenyweni zibekwe amacala.
“Siyakuqinisekisa ukuthi kunophenyo ngokuqashwa kukaMarawa futhi seluphothuliwe. Izikhulu ezithintekayo zizonikwa ithuba lokuthi zibeke uhlangothi lwazo. Okwamanje asikwazi ukuphawula kakhulu ngoba wudaba lwangaphakathi,” kusho uKganyago.