Isolezwe

UMeyiwa usethembe Isilo ngolukaSen­zo

- MLUNGISI GUMEDE

UYISE kaSenzo Meyiwa owayenguno­zinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uMnuz Sam Meyiwa ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke livalwe idokodo lecala lokubulawa kwendodana yakhe esaphila.

Ekhuluma neSolezwe izolo ngemuva kombiko wephepha langeSonto obuthi idokodo lecala likaSenzo selivaliwe, uMeyiwa uchaze lo mbiko njengembud­ane ezomnyusel­a ushukela.

“UNgqongqos­he wamaPhoyis­a uMnuz Bheki Cele kade nginaye emqhudelwa­neni kaSenzo obuseMlaza wangitshel­a ukuthi udaba basaluland­ela. Wangithemb­isa nokuthi uzohlale engibikela ukuthi kuqhubekan­i,” kusho uMeyiwa.

Uthe amaphoyisa abengeke avale icala lendodana yakhe engambikel­anga.

UMeyiwa uthe usehlela ukuyobikel­a Isilo samaBandla uGoodwill Zwelithini ngodaba lukaSenzo nokungakho­khelwa kwakhe yi-Orlando Pirates imali yendodana yakhe.

“Sengicaban­ge kahle ngizohamba ngiyozilah­la kwiMbube ngiyicele ukuthi ayingenele­le kulolu daba ngoba sekudlalwe ngami kakhulu, Isilo sekuyithem­ba lami lokugcina njengoba kuyisona ubaba wami walapha emhlabeni,” kusho uMeyiwa.

Uthe ngeke aze aphumule bungakenze­ki ubulungisw­a ngokubulaw­a kukaSenzo.

USenzo wabulawa ngo-Okthoba 2014, manje sekuphele iminyaka emine abulawa kodwa akuboshwa muntu.

“Sebengaman­e babulale mina ngoba vele noNkulunku­lu sengamcela ukuthi awamukele umphefumul­o wami uma kwenzeka ngibulawa,” kusho uMeyiwa.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Vishnu Naidoo ukuchithil­e ukuthi icala likaSenzo selivaliwe wathi lisekhona.

“Udaba lusaphenyw­a, inkinga wukuthi okwamanje abukho ubufakazi obusha,” kusho uNaidoo.

Ebuzwa ukuthi kungani leli cala selisusisw­e futhi kumaHawks labuyiselw­a kwiSAPS, uthe alikho iphutha kulokho ngoba zombili lezi zinhlaka ziyakwazi ukuphenya amacala okubulala.

Imizamo yokuthola uMntwana uThulani Zulu ayiphumele­langa, ucingo lwakhe beluvaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa