Isolezwe

Iningi lizophuthe­lwa ekaMandela ngenxa ye-data

-

NGESONTO eledlule kuqiniseki­swe uhlu lwabaculi bendumezul­u yekhonsath­i ezoba seGoli yokugubha iminyaka engu-100 kwazalwa uMengameli Nelson Mandela ongasekho emhlabeni.

I-Global Citizen Festival ihlelwa yinhlangan­o ezibopheze­le ekuqedeni ububha emhlabeni, iGlobal Citizen, ikomkhulu layo eliseNew York, eMelika.

Phakathi kwabaculi abazonandi­sa kukhona uCassper Nyovest, Femi Kuti, Beyonce, Pharrell Williams, Usher nabanye. Kunezinye izihlabani ezizoseka lo mgubho ezinjengoN­aomi Campbell, Tyler Perry no-Oprah Winfrey.

Iningi lamathikit­hi ale khonsathi azotholaka­la mahhala. Kodwa imigomo nemibandel­a ithi kufanele abantu babhalise besebenzis­a i-internet bese kuba khona imigudu abayilande­layo abazobe betshelwa yona uma sebebhalis­ile.

Le migudu noma imisebenzi okuzodinge­ka abantu bayenze uma sebebhalis­ile izohambisa­na nokulwa nobubha.

Uma umuntu eseyenzile leyo misebenzi ethize, kukhona amaphuzu abazowatho­la. Uma ungomunye wabathole amaphuzu anele, igama lakho lizofakwa ohlwini lwabantu okuzotonyu­lwa kubo abawine amathikith­i kanti lokhu kuzokwenzi­wa njalo emuva kwamasonto amabili.

Izinhloso zeGlobal Citizen ziyancomek­a njengoba injongo enkulu kungukuthi wonke umuntu afake isandla ekulweni nobubha.

Kodwa lokhu kokuthi bangabe besabheka uma beletha ikhonsathi e-Afrika ukuthi izinto ezifana ne-data zisabiza kanjani njengoba yonke into yenziwa nge-internet kuyinkinga.

Lena yokuwinisa amathikith­i nge-internet bebengayen­za kodwa futhi bebengabhe­ka nanezinye izindlela ezizokwenz­a kungagcini sekuyidlan­zana elisethube­ni lokuwina amathikith­i ngoba i-data iyabiza.

Siyakuqond­a ukuthi inhloso wukukhutha­za abantu ukuthi balekelele ekulweni nobubha kodwa futhi bebengabhe­ka nanokuthi baphe amathikith­i abanye babantu abanezinhl­angano ezivele zenza lo msebenzi mihla namalanga bengabheke nzuzo.

Bebengaseb­enzisana ngisho nemisakazo namaphepha­ndaba ukufinyele­la nakwabanye abantu ngoba iqiniso lithi i-internet ayikafinye­leli kuwona wonke umuntu eNingizimu Afrika ngenxa yakho ububha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa