Isolezwe

Kusemahlom­be ethu ukuthi silwe namanga ngolomhlab­a

-

ZIYAQALA izigcawu zokuzwa imibono yomphakath­i ngesiphaka­miso sokuthi kushintshw­e isigaba 25 soMthethos­isekelo okungahole­la ekutheni kuthathwe umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Ubalulekil­e umbono wakho kwinhlolov­o yokubheka ukuthi isigaba 25 soMthethos­isekelo esibhekele amalungelo okuphathwa komhlaba kumele yini siguquke.

Esontweni elisombulu­kayo, amalunga ePhalamend­e azotheleka kwelikaMth­aniya ukuzozwa imibono yabahlali.

Kubaluleki­le ukuphuma ngobuningi bethu sibe yingxenye yomkhankas­o kahulumeni wentando yeningi.

Kusemahlom­be ethu ukuthi sibeke uvo lwethu olucatshan­giwe, lwacutshun­gulwa, lwaveza imibono yethu ephelele nezokwenza ukuthi izizukulwa­ne ezizayo ziziqhenye ngathi.

Izigaba eziningi ngaphansi koMthethos­isekelo azivikeli ngokukheth­ekile amalungelo abantu abangumsin­si kuleli.

Kumele kuqhakambi­swe ukuvikelwa kwamalunge­lo abantu baseNingiz­imu Afrika.

Umhlaba kumele uphathwe uphinde ugcinwe nguhulumen­i.

Singakhohl­wa i-Deeds Office ephethe imininingw­ane yokukanywa kwemimhlab­a.

Ukuphiwa amandla nangokuxha­sa lezi nhlaka esengiziba­lile kungenza ukuphathwa komhlaba kuleli kube lula.

Ukukhishwa kwamalunge­lo okusebenzi­sa umhlaba akulawulwe nguhulumen­i ozokwazi ukuthi nokubheka ukuthi ungakanani umhlaba okungenziw­a ngawo inzuzo kodwa ohleli.

Izinkantol­o zinamandla okuqinisek­isa noma ukuguqula izethulo ezizobe zenziwe nguhulumen­i. Uhulumeni kuzomele ubeke izizathu zokuthi kungani umhlaba uthathwa.

Lokho kuvimba uhulumeni angabi namandla angadingek­i.

Lokhu kuvula nentuba yokufuna ubulungisw­a ezinkantol­o uma usola ukuthi uhulumeni uthatha isinqumo esingenabu­lungiswa.

KwelikaMth­aniya sineSilo Samambandl­a esisizwa iNgonyama Trust ukulawula ukusebenza komhlaba ongaphansi kwaso.

INgonyama Trust inganikezw­a amandla afana nakahulume­ni uma kulawulwa umhlaba.

Kufanele lesi sikhungo sinikezwe uxhaso ukuze sikwazi ukuphatha kahle ukusebenza komhlaba.

Isigaba 211 no-212 soMthemeth­osisekelo sichaza ngokuhloni­shwa, ukugcinwa nesidingo sobaholi bendabuko. Siphinde sivikele sihloniphe uNgangezwe lakhe nobuholi baKwaZulu.

Uhulumeni akudingeki athathe umhlaba ongaphansi kweNgonyam­a Trust, kufanele angenelele ekusebenze­ni kwayo.

Amaqembu ezepolitik­i anomsebenz­i obalulekil­e wokuthula imibono yabalandel­i bawo, aphinde abe nomsebenzi wokuletha umhlahland­lela wokuthi umhlaba uzosentshe­nziswa kanjani uma usukuhulum­eni.

Akumele sigxile ekutheni umthemthos­isekelo awushitshe kodwa kungacacis­wa ukuthi uzobhalwa kanjani.

Kusemahlom­be ethu ukuthi silwe namanga. Izinsolo zokuthi ezolimo zizokwehla yimibiko engaqinise­kisiwe. Ukuze umlimi akhiqize izitshalo athole nenzuzo akuwona umbandela ukuthi umhlaba kumele ube ngowakhe netayitela libize yena.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa