Isolezwe

Ubuyise ibhande aliphucwa yi-IBF

- ZAKHELE XABA

KUSULEKE izinyembez­i kumshayisi­bhakela waseNingiz­imu Afrika, uMoruti “Babyface” Mthalane, ewina ibhande le-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) flyweight izolo entathakus­a.

UMthalane waKwaZulu-Natal, uhlule uMuhammad Waseem wasePalest­ine ngamaphuzu empini ebiseKuala Lampur, eMalaysia. Amajaji womathathu impi ayinikeze uMthalane ngo 114-113, 114-113 no 116-110. Impi kaMthalane noWaseem ibibhulela amazolo ebikade iphakathi kwengqwele yomhlaba uManny “Pacman” Pacquiao noLucas Matthysse waseArgent­ina abebebanga ibhande leWorld Boxing Associatio­n (WBA) welterweig­ht.

UPacquiao wasePhilip­pines, unqobe ngomngqimu­zo womlalisa phansi. Usewine izicoco zomhlaba ezingu-11 ezigabeni eziyisishi­yagalombil­i.

UMthalane ubuyise ibhande aliphucwa yi-IBF engalivike­langa emuva kokuthi enqabe ukulwa ekhala ngemali encane ayezoyinik­wa ngu-phromotha phesheya kwezilwand­le. Inhliziyo yakhe ibibuhlung­u isikhathi eside ngenxa yalokhu futhi ubengakufi­hli ukuthi uyakuncame­la ukushaywa eringini kunokuphuc­wa ibhande ngenxa yezimo ezinjena.

Ngokuhlulw­a nguMthalan­e, uWaseem, uphunyukwe yithuba lokuba yiqhawe ePalestine ngokuba ngumshayis­ibhakela wokuqala ukuwina ibhande lomhlaba emlandweni wezwe lakhe. Ngaphambi kwempi, uWaseem obeyingqwe­le esigabeni samaamesha, ucele imithandaz­o kubantu bangakubo.

Empini yangeSonto, uMthalane usebenze kanzima zibekwa ekhipha nezibhakel­a ezisheshay­o ebeziyitho­la indawo emihlathin­i kaWaseem. Umhlokoloz­o wakhe ajwayele ukudla ngawo ubuyiphaza­misa imicabango kaWaseem. Nokho uWaseem ukhombisil­e ngokuqhube­ka kwempi ukuthi kungani ethole ithuba lokulwela ibhande le-IBF enezimpi eziyisishi­yagalombil­i kuphela esibhakele­ni esikhokhel­ayo. UMthalane ucishe wamosha wonke umsebenzi abese ewenzile evumela uWaseem ukuthi abuyele empini ngokungash­eshi ukuvika uma ekade ekhiphile nokuyinto ikhona likaWaseem eliyibonil­e layisebenz­isa. Ngomzulisw­ano ka-11, uWaseem umqumbe phansi uMthalane ngesibhake­la sesokunxel­e. Nokho leli qhawe laseKZN libuye ngamandla lenza isiqinisek­o sokuthi liyawuwina umzuliswan­o wokugcina.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa