UKhumalo ukhonjwa kwiChippa United
UKHONJWA kwiChippa United umdlali ochithwe yiKaizer Chiefs, uSibisiso Khumalo, okuze kube manje akakalitholi iqembu azogijima kulo ngesizini ka-2018/2019.
UKhumalo uhlukane neChiefs emasontweni edlule nabanye abadlali okukhona kubo uTsepo Masilela abekade ebanga naye indawo emuva kwesokunxele, Keagan Buchanan osethole ikhaya elisha kwiMaritzburg United nabanye. UKhumalo ubelizwa ngendaba ijezi kuqeqesha uSteve Komphela. UMasilela ubehlushwa wukulimala kwiChiefs.
Isolezwe lihoshe enkambini yeChippa ukuthi kugcine kuvunyelwane ngokuthi kusayiniswe uKhumalo yize kade kukhona abafuna uMasilela. Indawo yasemuva kwesokunxele kwiChippa isale ingenamuntu emuva kokuthi uPaseka Mako ehlwithwe yi-Orlando Pirates emasontweni edlule. Bekukade kukhona noNkosinathi Mthiyane iChippa ebikade imboleke kwiPirates.
“Sengathi kuza uKhumalo. Mina nabanye kade sifuna uMasilela kodwa kugcine kuphumelele ekaKhumalo ngoba uzokwazi ukudlala indlela umqeqeshi ayifunayo yokudlala ibhola phansi,” kusho umthombo ongaphakathi kwiChippa.
IChippa ihlulwe yiFree State Stars sekushaywa amaphenathi emqhudelwaneni iBokone Bophirima Maize Cup okade useNorth West ngempelasonto. IMaize Cup igcine idliwe yiChiefs ehlule i-Ea Lla Koto kowamanqamu sekukhahlelwa amaphenathi.
Umqeqeshi weChippa, uDan Malesela, uphawulile ngenkinga abanayo emuva kwesokunxele. IChilli Boys isanda kusayina umdlali osemncane uNtwenhle “Romeo” Zondo obegijma kuThongathi FC kwiNational First Division (NFD).
KwiMaize Cup emuva kwesokunxele kade kudlala uTebogo Thlolane obeyibamba esiswini kwiJomo Cosmos.
“Konke kuzoncika ekutheni laba bafana benza kanjani. Sinemidlalo eGoli. Uma uThlolane eqhubeka nokudlala kahle, kungani sizofuna omunye umuntu. Kodwa iyona indawo esiphatha kabi (emuva kwesokunxele). Sinaye omunye umfana lapha. Asimdlalisanga ngoba bengisafuna ukumnika isikhathi sokuthi azijwayeze nezinga lePSL. Kade edlala kuThongathi, uZondo. Ngethemba ukuthi naye uzobona ukuthi kufanele abhukule athole indawo esikimini. UZondo muhle ebholeni kodwa kufanele aqine uma kumakwa,” kusho uMalesela.
IChippa isekhempini eGauteng lapho izodlala khona imidlalo yobungani neHighlands Park, Bidvest Wits neTS Galaxy kaTim Sukazi edlala kwiNFD.