Kucacile obekukhalisa uPitso ngoTau noBilliat
KUHLALE obala obekukhalisa umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane ngokuhamba kukaKhama Billiat osekwiKaizer Chiefs noPercy Tau okuthiwa usendleleni ebheke e-England.
Iqembu likaMosimane lishaye udaka emdlalweni ka-Group C weCaf Champions League ngoLwesibili. Ompetha bango-2016 beChampions League bakhombise izimpawu zokuba buthaka ikakhulukazi phambili njengoba bekucacile ukuthi ijubane likaBilliat noTau belizoba yinkinga kwiTogo-Port eshaye iSundowns ngo 1-0 eLome.
Lo mphumela ushiya ezikaMosimane ekugcineni kukaGroup C kwazise iWydad Casablanca neHoroya baphezulu ngamaphuzu amahlanu bese kuba iTogo-Port endaweni yesithathu ngamathathu. ISundowns idlale ngokulingana neWydad kwalandela umphumela ofanayo kwiHoroya njengoba isishaywa nje.
Izinto zimbi manje kuMosimane ngoba kufanele aqhamuke neqhinga lokuguqula isimo ngokushesha njengoba iTogoPort izobe ikuleli ngoLwesihlanu ngoJulayi 27.
Kwenzeka konke lokhu nje, uMosimane uvume esidlangalaleni ukuthi akukho okutheni okwenze wasayinisa uLyle Lakay obekwiCape Town City ngaphandle kokuthi ubengamthola uma emfuna.
Ngokusho kukaMosimane, akukho akudingela lo mdlali kwiSundowns ngaphandle nje kokuthi uzwile ukuthi uyadayisa wase ebona kungewona umqondo ophusile ukumyeka ngoba hleze amdinge ngelinye ilanga.
Kuyethusa nokho ukuzwa umqeqeshi ofana noMosimane ekhuluma ngale ndlela ngoba akekho useTogo nje, kunenqwaba yabadlali abangazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani ngoba konke okuzokwenzeka ngabo kwaziwa uyena (uMosimane) njengenhloko yabaqeqeshi.
“Asibona abantu abahlale besayinisa njalo. Yize kunjalo kunabadlali okuthi uma uzwa ukuthi basendalini uvele usukumele phezulu ngoba kusuke kuyinto ongakaze ucabange ukuthi ingenzeka,” usho kanje uMosimane.Kuyaxaka nokuthi kungani lo mdlali ngoba usemncane aqome ukuyobanga isikimu nabadlali abafana noGaston Sirino, George Lebese no-Aubrey Ngoma kwiSundowns.
Nakuba eyidlale cishe yonke eyeCity ngesizini edlule, uLakay ushaye amagoli amabili kuphela wase akha ayisihlanu. Uma ucabanga indlela uSirino waseUruguay ayivale ngayo isizini akungabazisi ukuthi ubani ozobe eqala imidlalo ekubeni noLebese osuka kwiKaizer Chiefs ezofuna ukusheshe akhohlwe ngokwenzeke ngesizini yakhe yokuqala efikile kompetha beligi.