Kusolwa amabhuleki nejubane ebhasini ebulale abazalwane
KUSOLWA ukuphela kwamabhuleki nejubane ukuthi kuholele engozini yebhasi egingqike, kwashona abazalwane abayisithupha eNdundulu phakathi kwaseShowe neMelmoth, ngoMgqibelo.
Le bhasi kuthiwa iba nengozi nje beyimisiwe eNewcastle inenkinga yamabhuleki, kwafakwa amasha. Kuthiwa libe seliba semuva kwesikhathi senkonzo ebisiqalile, okusolwa ukuthi umshayeli ubesehamba ngejubane ejahe enkonzweni.
Ibhasi beyisuka eGoli ithwele abazalwane abangu-60 bebandla i-12th Apostles Church in Christ.
Endaweni yesigameko kushone abahlanu okubalwa nengane enezinyanga ezingu-11. Owesithupha ushone esibhedlela eNgwelezane, izolo.
Okhulumela ibandla onguSihlalo jikelele ebandleni, uMnuz Bonginkosi Dlamini uthe:
“Siphuthumile saya endaweni yesigameko ngoba akukude nalapha sikhonza khona eMevamhlophe, eMpangeni. Amaphoyisa esiwaficile asitshele ukuthi sengathi iphelelwe amabhuleki ibhasi njengoba abeke aphela iseNewcastle afakwa, yabe isiqhubeka. Sizolinda uphenyo olugcwele lwamaphoyisa.”
Nomunye umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa uthe:
“Sengathi ibhasi belisebenza ngamabhuleki angemuva kuphela ngesikhathi kwenzeka ingozi. Nejubane liyasoleka,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa.
Kwabashone endaweni yesigameko bekungabesifazane abathathu, owesilisa oyedwa nengane. Unina wengane kuthiwa usindile.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZuluNatal uMnuz Mxolisi Kaunda, uNobhala jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule baye endaweni yesigameko.
“Siphatheke kabuhlungu kakhulu ngale ngozi ngoba akuyona eyokuqala kule ndawo. Udaba lokufakwa kwezinciphisajubane kule ndawo sizolubheka. Imbangela yengozi ibingakaziwa kodwa kunethimba elijutshiwe eliphenyayo,”kusho uKaunda.
UMagashule uthe kube yishwa ukuthi abazalwane balimale beya enkonzweni abeyisimenywa kuyo, eyomela uMengameli Cyril Ramaphosa.
“Siyathemba uNkulunkulu uzopholisa imindeni, ibandla nomphakathi wonke ngalesi sibhicongo sengozi esisibone kule ndawo,” kusho uMagashule. Izolo, abazalwane abangu-18 abalashwe badedelwa bacele ukulandwa ngetekisi ukuze bezozwa amazwibela enkonzo esongwe izolo.
Khonamanjalo izolo kwenzeka enye ingozi eNdundulu, lapho kugingqike khona iveni ebithwele abazalwane belinye ibandla. Kushaye isikhathi sokushicilela kubikwa ukuthi kushone oyedwa kwalimala inqwaba.